UMasipala waseThekwini umi ngomumo ukumukela izivakashi ngamaholidi
WUTHOBILE ZWANE
KULINDELWE izivakashi eziwu-1.3 million ngala maholidi eThekwini. Lezi zindaba zimenyezelwe ngenkathi kuthulwa ngokusemthethweni izinhlelo zamaholidi asehlobo ngoLwesihlanu eWahooz e-uShaka Marine, eThekwini, KwaZulu-Natali.
Imeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba yazise izethameli izinto ezithile ezibalulekile zokuqinisekisa ukuthi amaholidi aphephile futhi amnandi.
Iveze ukuthi kuzobanamakhonsathi omculo nokunye okuzothokozisa abeze emaholidini eThekwini kulesi sikhathi.
“Siyidolobha sesimi ngomumo ngezinhlelo zethu zamaholidi. Silindele izivakashi ezibalelwa ku-1.3m ezizongenisa uR341m, ozonyusa imali engena emnothweni waseThekwini ifike kuR845m.
“Kuzodala amathuba emisebenzi awu-15 000, kungenise intela ewuR630m. Izibalo esinazo njengamanje zikhombisa ukuthi amaghotela ethu nezinye izindawo zokuhlala seziqala ukugcwala, ezinye sezigcwele futhi azisabamukeli ababekisa indawo. Siyabamema nabama-B&B ukuthi bazikhangise ngoba izivakashi azigcini olwandle kuphela kodwa ziya kuzona zonke izindawo ezingaphansi kukaMasipala waseThekwini ngenxa yokuthi sidume ngokuphatha kahle izivakashi,” kusho uXaba.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/12/12/umasipala-wethule-izinhlelo-zokuphepha-ngamaholidi-asehlobo/
UXaba uthe bazoqinisekisa ukuthi izivakashi ziphephile ngokutshala amaphoyisa kuzo zonke izindawo zalo masipala.Kuzobanamaphoyisa kamasipala angaphezu kwawu-2 000 azobe eqaphe isimo, kukhona nakahulumeni nezinkampani zonogada ezizoqapha izindawo zokungcebeleka nokuphepha kwabantu edolobheni, emalokishini nasezindaweni zasemakhaya.

“Wonke amabhishi ethu awu-23 okubhukuda avuliwe futhi kuphephile ukubhukuda kuwona. Loku kuyaqala ukwenzeka emva kwezikhukhula zango-2022. Izindawo zokubhuda eziwu-53 ziyasebenza, lapho izingane zingajabula khona,” kusho yena.
Izinhlelo zokuphepha uthe zizolekelelwa ngamakhamera okuqapha angaphezu kwawu-500. UXaba uthe bandise izisebenzi zikamasipala ngeziwu-650 eziyitoho ezizosebenza ngamaholidi.
UXaba uthe kuzobanomcimbi wokuhlukanisa unyaka wabantu abadala nabancane.
Iphini lemeya kaMasipala uNksz uZandile Myeni lithembise abantu ukuthi amaholidi azobe emnandi futhi ukuhlanzeka nokuphepha kuseqhulwini lezinhlelo zabo.
Okhulumela uPhiko lwamaPaki nokuNgcebeleka kumasipala uDkt uSimphiwe Ndlovu uthe izingane zizophepha kanti kuqashwe abantu abazozigada abawu-200.
“Abahamba nezingane ebhishi kufanele bazihambise kwabazigadayo ukuze bazifake amabhande anemininingwane yomzali. Loku kwenza kubelula ukuthi kubenomuntu othintwayo uma kwenzeka ingane iduka.
“Siyacela nokuthi abantu babhukude ezindaweni ezihlelelwe loku, ezisuke zinamaflegi abekwa ngabagada ukuphepha kwababhukudayo. Izindlu ezincane zizovulwa imini nobusuku ukuqinisekisa ukuthi abantu bazikhulula ezindaweni eziphephile,” kusho uNdlovu.

