I-G20 ingenise uR1 billion emnothweni waseGauteng: uLesufi
WUBONISWA MOHALE
IZIBALO zesikhashana ezibheka umphumela omuhle weG20 emnothweni waseGauteng, zikhomba ukuthi ingenise uR1 billion. Undunankulu waseGauteng uMnu uPanyaza Lesufi uveze le mali esithangamini nabezindaba ebesisesiShayamthetho saseGauteng eGoli kuleli sonto.
“Besilindele ukuthi iG20 ingenise phakathi kwemali ewuR1bn noR3bn. Sikuthakasele ukuzwa ukuthi izibalo okwamanje ziveza ukuthi kungene uR1bn. Okusijabulisayo wukuthi wonke amahhotela ebegcwele futhi nezindawo zokudlela bezimatasa,” kusho yena.
Uthe bazoqhubeka nomsebenzi omuhle akade sebewuqalile wokukhuculula iGoli nokulenza liphephe njengoba bekwenzeka ngesikhathi seG20. Loku uthi kuzoheha abanye abatshalimali abafuna ukusebenzela kulesi sifundazwe.
“Siyazibophezela ukuthi konke okuhle okubonakale ngeG20 kuzoqhubeka noma isidlulile. Sikhombisile ukuthi siyakwazi ukwenza umsebenzi omuhle, siyabathembisa abantu ukuthi izithelo zeG20 zizoloku ziqhubekile. Siyazi uma iGoli lenza kahle umnotho wezwe uyasimama,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/27/i-g20-izovulela-izakhamuzi-amathuba-abafundi/
Usihlalo weFederated Hospitality Association of Southern Africa uMnu uBrett Tungay uthe okwamanje abanazo izibalo eziqondile ezikhombisa ukuthi imboni yokuvakasha ingenise malini ngenxa yeG20 kodwa le ngqungquthela iyifakile imali.
“I-G20 igcwalise amahhotela futhi yenza yonke imboni yokuvakasha yamatasa kodwa izibalo zokuthi kungene malini sizozazi ezinyangeni ezimbili ezizayo. Ukufika kwabaholi bamazwe kwenza le mboni ibematasa ngoba basuke behamba nenqwaba yabantu edinga ukuhlala emahhotela, idle futhi izijabulise,” kusho yena.
Uthi iG20 ngeke nje igcine ngokugcwalisa amahhotela kodwa izokwandisa izivakashi zaphesheya kolwandle ezivakashela eNingizimu Afrika ngoba yenze isithombe esihle ngaleli zwe.
“Okuhle kakhulu ngokuza kweG20 eNingizimu Afrika wukuthi yenze isithombe esihle emazweni aphesheya kolwandle. Kuke kwaba nokuthi leli zwe likhulunywe kabi phesheya kodwa njengoba bekukhona abaholi bamazwe omhlaba nezintatheli ezihlukene, iNingizimu Afrika ivelile ukuthi iyizwe elingenazinkinga ezingavimbela abantu ukuthi balivakashele. Izivakashi zaphesheya zizoza kuleli zwe ngokukhululeka ngoba zizobona ukuthi uma kuza abaholi bamazwe azo, kusho ukuthi nazo kufanele zize,” kusho uTungay.
Uthe balindele ukubona umehluko ezibalweni zezivakashi zaphesheya ezinyangeni ezintathu kuya kweziyisithupha ezizayo ngoba ziwahlelela kusenesikhathi amaholidi.
U-Tungay ubalule wukuthi iG20 ayikhangisanga kuphela ngeGauteng kodwa ikhangise iNingizimu Afrika yonke ngenxa yemihlangano ebiyenziwa ezifundazweni ezihlukene ngaphambi kokuthi kuqale ingqungquthela yabaholi.

