Imboni yolimo ngenye yezimboni ezibeneqhaza ekukhuleni komnotho wezwe ngekota yesithathu yonyaka. Isithombe: Sithunyelwe

Umnotho waseNingizimu Afrika ukhule ngo-0,5% ngekota yesithathu 

YINTATHELI YOMBELE 

IZIBALO ezintsha zeStatistics South Africa zikhombisa ukuthi umnotho waseNingizimu Afrika ukhule ngo-0,5% ngekota yesithathu, okuyisikhathi esisukela kuJulayi kuze kubewuSepthemba.

Ubukhule ngo-0,8% ngekota yesibili, okusho ukuthi umnotho uloku ukhula kulo nyaka. Izibalo zikhombisa ukuthi imboni yezimayini, eyohwebo, eyamahlathi, eyokudoba, eyokupheka neyokuhlalisa abantu zibenomphumela omuhle ekukhuleni komnotho. 

Umkhiqizo wezimayini ukhule ngo-2,3% ngokumba i-platinum, i-manganese ore, amalahle, i-chromium ore ne-copper. Kuvela ukuthi kwehlile ukumba idayimane, i-iron ore, i-nickel negolide kodwa loku akubanganomphumela omubi ekukhuleni kwale mboni. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/10/usimeme-umnotho-wezwe-ngekota-yesibli-istatistics-sa/

Imboni yezolimo ikhule ngo-1,1% ngekota yesithathu. Uhulumeni ukwazile ukunyusa ukuqasha abantu kuhulumeni kazwelonke nowezifundazwe. 

Imboni kagesi, eyamanzi neyegesi zehle ngo-2,5% ngenxa yokuthi kwehle ukukhiqiza ugesi nokusebenza kwawo. Amanzi nawo awasebenzanga kakhulu, okwenze umnotho ungakhuli kahle.

Izimpahla ezidayisa kwamanye amazwe ezisuka eNingizimu Afrika zinyuke ngo-0,7%. Izimpahla ezithengwe kwamanye amazwe yiNingizimu Afrika zinyuke ngo-2,2%, kwanti kuthengwe kakhulu imishini, izinsimbi, imishini esebenza ngogesi, izindwangu namafutha. 

Inhloko ye-Macro-economic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe bekulindelekile ukuthi umnotho ukhule kancane kodwa okuhle wukuthi uhulumeni nemboni ezimele bayayitshala imali emnothweni. Uthe balindele ukuthi umnotho uqhubeke nokukhula ngokuzayo. 

Umkhulumeli weCongress of South African Trade Unions (iCosatu) uMnu uMatthew Parks uthe bakhathazekile ngokuthi umnotho ukhula kancane ngoba awuyidali imisebenzi.

“I-Cosatu ifuna uhulumeni utshale uR1 trillion wokuphucula ingqalasizinda ukuze kukhule umnotho kudaleke nemisebenzi. Izinto ziqhubeke nokushintsha e-Eskom naseTransnet ngoba lezi zinkampani yizona ezikwazi ukudala imisebenzi eminingi,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page