UMnu uKago Dichabe, umsunguli weiDairyLand Yoghurt eyenza i-yoghurt yaseTlokweng, eBotswana. Izithombe: Zithunyelwe

Owabona ukushoda kwemikhiqizo yelakubo usenza i-yoghurt eshelelayo 

WUTHOBILE ZWANE

EMVA kokuhluleka ukuthola amaphuzu adingekayo okungena enyuvesi, insizwa yaseBotswana yathola umsebenzi wokupakisha izimpahla ezitolo. 

UMnu uKago Dichabe waseTlokweng ngaseGaborone wasungula iCF Foods, ewumnikazi weDairyLand Yoghurt ekhiqiza izinhlobo ezihlukene ze-yoghurt.

Wasebenza ezitolo zakwaChoppies kusukela ngo-2021 kwaze kwaba wu-2022. Nsuku zonke wayephatha imikhiqizo evela emazweni akude edumile kodwa uthi kunento eyayimkhathaza.

“Ngesikhathi ngipakisha emashalofini ngabona ukuthi imbalwa kangakanani imikhiqizo eyenziwe ezweni lethu, ikakhulu eyenziwe ngobisi. Bekunohlobo olulodwa lomkhiqizo wobisi lwaseBotswana oluqhudelana nolwakwamanye amazwe.”

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/12/10/ushiye-phansi-umsebenzi-wakhetha-ukuzimela-onebhizinisi-leziphuzo-ezinomsoco-uxoxe-nonokwanda-ncwane/

Uthe wafikelwa umbono wokuqala umkhiqizo owenziwe ngobisi. Waqala ukucwaninga ngamalebuli, ukufunda izithako ezilungele imikhiqizo yobisi nokuthi ukudla okunomsoco kwenziwa kanjani. Wakhumbula izifundo ze-biotechnology azenze esikoleni nokuyizona ezimsize ukuthi azilungiselele isigaba esisha sempilo yakhe.

“Ngayeka umsebenzi ekupheleni kwango-2022 senginecebo lokuthi ngizokhiqiza i-yoghurt ngoba ngase ngikhathele futhi ngizwa sengathi angiphili impilo engiyidalelwe wuNkulunkulu. Nganginemali encane engangiyongile nekhishi likamama,” kusho yena.

“Ama-yoghurt (yethu) anezithako ezimnandi ezihlukene, okubalwa  i-strawberry, i-blueberry, i-granadilla ne-cinnamon. Akhona nathakwe njengamabhiskidi ano-cream nangenaziithako futhi ayinayo i-gluten,” kusho uDichabe. 

I-yoghurt yeDairyLand Yoghurt

I-CK Foods iqashe izisebenzi ezinhlanu ezisebenza ngokugcwele futhi ikhiqiza amayogathi eDairyland awu-250ml, awu-500g nawu-1kg. Amanani aqala ku-12.95 Pula (okuwuR15.35) u-250ml, kuthi u-1kg ubewu-36.85 Pula. 

Uthi emva kwezinsuku ezintathu eshiye emsebenzini esewusomabhizinisi, ugesi ocima njalo ngakubo wabolisa sonke isikoto seyogathi. Walahlekelwa yimali nethemba kodwa akazange adikibale. 

“Akulula ukubanebhizinisi lokudla eBotswana njengoba ugesi unqamuka njalo kodwa ngathola izeluleko kochwepheshe bokudla okwasiza ukuthi ngithole imikhiqizo ezokwenza i-yoghurt yami inambitheke futhi ingonakali.” 

Ukuthola usizo lwezimali bekungelula kodwa wangenela umcintiswano wosomabhizinisi abancane i-Tokafala Business Plan Competition, lapho achaza ngebhizinisi nezidingo zalo, izinselelo neisixazululo. Wawina uP12 500 (uR14 823), wathola no-95 000 Pula esikhwameni sikahulumeni waseBotshwana esixhasa intsha iYouth Development Fund. Ngaleyo mali wathenga imishini yokukhiqiza. 

“I-DairyLand Yoghurt isheshe yathola abalandeli bokuqina namakhasimende amaningi athanda i-yoghurt yethu kunemikhiqizo emikhulu. Okwamanje sidayisa ngenkundla yokuxhumana iFacebook, iyatholakala naseGabarone Main Mall, ikhona nasezitolo eziseMolepolole, eKweneng. Sinenkontileka yokuhlinzeka nasesibhedlela iPrincess Marina.” 

Manje unezingxoxo nezitolo ezinkulu zaseBotswana ezifuna imikhiqizo yeDairyLand ezitolo zazo futhi ulinde isitifiketi sokuphepha kokudla esizomgunyaza ukukhiqiza isibalo esiningi kunasikhiqizayo.

Iseluleko sakhe kwabanye osomabhizinisi uthe: ” Ungaziqhathanisi nabanye. Thola abeluleki abazokugqugquzela ukuze uqhubekele phambili. Gxila embonweni wakho. Kuko konke, thandaza. Awudingi iziqu ngesinye isikhathi kodwa udinga ukuyilambela into nokufunda okwenzekayo.” 

Ngale kokukhiqiza i-yoghurt, uhlela ukuthula eminye imikhiqizo emisha yokudla emnandi futhi enempilo. “Ngifuna ukubuyisa ithemba. Ngifuna abantu abasha bazi ukuthi kuyenzeka, into esivimbayo ingqondo yethu kuphela.”

Uphethe ngokuthi unethemba lokuthi uzocija abanye osomabhizinisi ezinkundleni zokucobelelana ngolwazi.

Facebook: Ckfoods bw

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page