UNksz uLondani Musimanyana, umsunguli weLondi Botanical Moisture eyenza imikhiqizo yezinwele nesikhumba yaseGlenwood, eThekwini, KwaZulu-Natal. Izithombe: Zithunyelwe

Owenza izinto zekhanda nezimonyo usengenise ezitolo zobuchwepheshe

WUTHOBILE ZWANE 

UKUNGAYITHOLI imikhiqizo ezwana nezinwele zayo zemvelo kwenza intokazi yaseThekwini yaqala ukuzikhiqizela izinto zokugcoba izinwele nesikhumba. Namuhla isidayisa imikhiqizo yayo ku-Amazon nakuTakealot, izinkundla zokuthenga zobuchwepheshe.

UNksz uLondani Musimanyana, waseGlenwood, wasungula iLondi Botanical Moisture ekupheleni kwango-2014 ngemva kokubona ukuthi izinwele zakhe zazingathambi njengezabanye abantu besifazane, yize ayesebenzisa imikhiqizo yokugcoba izinwele eyaziwayo.

“Ngangihlale ngifaka izinwele zami umuthi wokuzithambisa bese ngihlala izinsuku ezintathu zithambile, emva kwaloko zibuye ziqine. Awukho umuthi odumile engingawuzamanga. 

“Ngathatha isinqumo sokuzigunda. Emva kwaloko ngenza ucwaningo kwi-internet ngezinto engingazithaka ukwenza imikhiqizo yezinwele yemvelo. Ngafunda ngokuthaka imikhiqizo yemvelo yezinwele neyokunakekela isikhumba, ngayisebenzisa. (Ngemva kwaloko) ngabona (ukuthi angabelane) nabanye,” kukhumbula le ntokazi eneminyaka ewu-32.

UNksz uMusimanyana uthi waqala ukwenza imikhiqizo yezinwele, wase elandelisa ngeyesikhumba elungene wonke umuntu, kusukela ezinganeni kuya kwabesifazane nabesilisa, kungakhathaleki iminyaka. Amanani emikhiqizo yeLondi Botanical Moisture aqala kuR90 kuya kuR230. 

Eminye yemikhiqizo yeLondi Botanical Moisture

Uthi kwamsiza kakhulu ukungena kwiTakealot ne-Amazon ngoba akungeni nje izinkampani ezingahloliwe ukuthi zikufanele yini ukudayisa imikhiqizo esezingeni elifanele. Loku kwashintsha nendlela abantu ababuka ibhizinisi lakhe ngayo, kwamandisela amakhasimende.

“Into ehlukile ngebhizinisi lami ukuthi angigxilile ekudayiseni kodwa ngiyafundisa abantu ngemikhiqizo ezobasiza, hhayi ukuthi le mikhiqizo izokwenza ubemuhle kodwa nokuthi uzizwa ukahle nokuthi ikukhumbuza ukuthi ungubani,” kusho yena. 

ILondi Botanical Moisture iphezu kwezinhlelo zokuthi imikhiqizo yayo iphasiswe yiSouth African Bureau of Standards.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/12/ubuyisa-ukuzethemba-okhiqiza-imikhiqizo-yokucwala-izinwele/

UNksz uMusimanyana ufisa ukufundisa abantu okuningi nokuqonda ngezithako ezifakwa kwimikhiqizo ngoba abanye abantu bayisebenzisa bengazi ukuthi yenzani emizimbeni yabo noma ezinweleni zabo. 

Imithi yokugcoba yeLondi Botanical Moisture ifakwa emabhodleleni akhangayo

Uthi imikhiqizo yakhe ayilaphi nje isikhumba kodwa yenza umuntu azizwe ephilile nangaphakathi.

“Abanye abantu bafuna ukushintsha indlela ababukeka ngayo, baze bagcobe izinto ezishintsha ibala labo. Mina angifuni ukuthi bashintshe ibala kodwa ngifune babebahle ngokwemvelo ngaphandle nangaphakathi,” kusho yena. 

Kwezinye izinselelo ibhizinisi eselike labhekana nazo ubala ukwenza abantu ukuthi bathembe imikhiqizo yabo nokuthenga online njengoba ethi kusekhona abangathandisisi ukuthenga khona.

UNksz uMusimanyana uthi iLondi Botanical Moisture isenesisebenzi esisodwa esingaqashiwe ngokugcwele kodwa ufisa ukuqasha ezinye ngokukhula kwebhizinisi. 

Kubantu abafisa ukuqala ibhizinisi uthi bangajahi, balinike isikhathi sokukhula futhi bangaliqali ngomqondo wokuthi bafuna ukwenza imali noma ufuna ukuncintisana nomunye umuntu. 

“Kufanele ucabange ngesu lakho, ubhale phansi konke, uhlele kahle, zama ukuqondanisa nokuthi ungubani uzibuze ukuthi ngabe iloku okufunwa yinhliziyo noma okufunwa yingqondo noma wonke umuntu uyakwenza. Ungayi ngokuthi wonke umuntu wenza imali kodwa akubeyinto oyithanda ngempela,” kusho yena. 

UNksz uMusimanyana uphethe ngokuthi: “Ngelinye ilanga ngiyafisa ukubanendawo esemakhaya lapho ngingatshala futhi ngivune izithako engizidingayo, ngiqashe abantu ngibafundise ngokuthi yenziwa kanjani imikhiqizo.” 

Instagram: @Londi_botanicmoisture

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page