Amabhizinisi amancane abonga ukukhanya okulethwa wukunqamuka
kokucima kukagesi
WUTHOBILE ZWANE
NJENGOBA ukucima kukagesi obekukhungethe iNingizimu Afrika sekuthanda ukuphela ngenxa yezinguquko ezinhle ezenzeka e-Eskom, amabhizinisi amancane, nawumgogodla womnotho, abuyelwa yithemba nomfutho.
Kosomabhizinisi abaningi ukungacimi kukagesi akusona isikhathi sokubhiyoza nje kuphela kodwa kuyisikhathi senguquko evuselela indlela abasebenza ngayo, abakhiqiza ngayo nokuhlelela ikusasa.
Abanye osomabhizinisi abancane bathi ukusebenza sekuphucukile, kuncipha izindleko namakhasimende asenelisekile. Abanye baxoxe noMbele ngoshintsho lukagesi.
Umnikazi wenkampani eyenza amanzi acolisekile iYametsi Water yaseLadysmith, KwaZulu-Natali, uMnu uSandile Mokoena, uthe ugesi ongapheli unyuse izinga lokukhiqiza enkampanini yakhe.
“Ukucima kukagesi bekunomphumela ongemuhle emabhizinisini asebenzisa ugesi kakhulu njengelami. Njengoba ugesi ungasacimi manje amabhizinisi asebenza kahle, okusho ukuthi andisa umkhiqizo wawo,” kusho yena.
Uthe ugesi ongacimi ubuyise ukuthembana phakathi kwakhe namakhasimende ngoba asewathola ngesikhathi ama-oda njengoba ingasekho into ephazamisa ukusebenza kwemishini yakhe.
Uthe ukucima kukagesi bekuphazamisa ukusebenza, kumandisela nezindleko ngoba bekuthi uma usucimile akhanyise i-generator uzeku kusebenze imishini. Loku bekuhambisana nezindleko ngoba bekufanele athenge udizili.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/25/ngeke-liphele-isonto-kusacinywa-ugesi-uramokgopa/
UMokoena uthe okubaluleke kakhulu ukwazi ukuthi ugesi awuhambi kubuyise ukuzethemba hhayi nje ebhizinisini kodwa usenethemba nangekusasa lebhizinisi lakhe.
Uthe manje iYametsi ibheka amathuba amasha futhi yandisa imikhiqizo ezoyidayisa, into athi ibingeke yenzeke ukube ugesi usanqanyulwa.
Umnikazi webhizinisini laseNanda, eThekwini, elenza amalahle iVolcanic Explosion uNksz uBusisiwe Mbanda uthe kungabonakala sengathi abathinteki ngokucima kukagesi kodwa kuneminye imisebenzi edinga babenogesi.
“Nakuba ukukhiqiza kwethu kwenziwa ngezandla ngokuphelele futhi kungawudingi ugesi, ukuphela kukagesi bekuphazamisa eminye imisebenzi esiyenzayo. Isibonelo nje sidinga ugesi ukubhala imininingwane ethile esiyigcina kwikhompyutha. Siyawudinga noma sixhumana namakhasimende. Bekuphazamiseka nokuhamba kwezimpahla kodwa manje akusaphazamiseki futhi nomkhiqizo ufika ngesikhathi kumakhasimende,” kusho yena.
Lolu shintsho lokungacimi kukagesi lususe umthwalo emahlombe kaNksz uMbanda. Uthe manje usezokwazi ukugxila ekukhuliseni ibhizinisi lakhe, esikhundleni sokulungiselela ukucisha ugesi okulandelayo.
Umnikazi weMzansi Bread Bakery yaseMotherwell, eGqeberha, eMpumalanga Kapa,uNkk uNomzamo Steven, uthe ukucisha kukagesi bekungaphezu kokuphazamiseka, kumisa ukusebenza.
“IMzansi Bread Bakery iyibhikawozi eliselokishini kanti ukuphela kukagesi bekumisa yonke into. Bengingenawo amandla okuthenga ezinye izinsiza ezizokwenza kuqhubeke ukubhaka ugesi usuhambile, bengivele ngingakwazi kwenza lutho,” kukhumbula yena.
Uthe bekubanzima ukuhlanganisa ama-oda futhi esala ekhungathekile ngenxa yesimo esingaphezu kwamandla akhe. Manje akasaphazamiseki, usuku lwakhe lokusebenza seluqondile.
UNkk uSteven uthe manje ubhaka ngesikhathi, yonke into uyihlela kahle futhi ubona imiphumela emihle ebhizinisinisi lakhe. Ukubanogesi kusho ukuthi udayisa izinkwa eziningi zombhako futhi usekwaze nokuthenga imishini efanele nesitofu segesi esizomsiza uma kunenselelo kagesi. Loku uthi ubengeke akwazi ukukwenza ukube ugesi usacima njalo.
“Ugesi othembekile wenze umehluko omkhulu ungisizile ukuthi ngikhule futhi ngisebenze ngokuthula,” kusho yena.
UNkk uThobile Zungu, umsunguli weMnandi Bakery yaseShayamoya, KwaDukuza, oGwini oluseNyakatho yeKZN, uthe ukucima kukagesi kumlimaze kakhulu. Ngenyanga ubelahlekelwa wuR30 000 ngoba ukwenza izinkwa bekuthatha amahora amane. Uthi kudala bekuthi esazibhakile ugesi uvele uhambe zingakavuthwa bese ziyonakala.
“Sekungcono kakhulu njengoba ugesi ungasapheli ngoba izinkwa sizibhaka zivuthwe kahle. Akukho okusilahlekelayo siyibhikawozi. Kuqala besithi noma sizitshela ukuthi sesizihlele kahle ukuthi ugesi uzohamba ngesikhathi esithile kodwa uvele uhambe singalindele,” kusho yena.
UNksz uSebenzile Sithebe, umsunguli weDynasty Clean Juices, yaKwaMashu, eThekwini, ekhiqiza amajusi anempilo uthe ama-oda awasabambezeleki, asenziwa futhi ahambe ngesikhathi.
“Ngenxa yokukhiqiza kahle ngikwazile ukungena kwamanye amabhizinisi acishe afane nawe jusi, ngaqala izinto eziphuzwayo ama-smoothies, ama-fruit salad ne-summer fast food (okuyizithelo nokudla okusheshayo kwasehlobo) ngenxa yesidingo nesizini.
“Sengikwazi ukwenza imisebenzi eminingi futhi ama-oda abantu ngiwenze ngesikhathi. Ugesi onganqamuki ungisizile ukukhulisa ibhizinisi lami,” kusho yena.

