UNksz uPetunia Thebe, umsunguli weCosmo Dumpling eyenza amadombolo isimanje yaseNorthriding, eGoli, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Inkumbulo kanina ibeyisisekelo lebhizinisi lamadombolo ashuniwe

WUTHOBILE ZWANE

INTOKAZI eneminyaka ewu-48 yaseCosmo City, eGoli, eGauteng, yayingakaze izitshele ukuthi ukudla eyayikuphekela unina nayethanda ukukupha abantu kuzogcina kuyisinkwa sayo.

UNksz uPetunia Thebe wasungula iCosmo Dumpling ngemva kwesikhathi esinzima empilweni yakhe ngemva kokushonelwa wunina ngamaholidi kaDisemba wango-2017. Ukubhekana nosizi, waqala ukupheka ukudla okwakukhonzwe wunina ngenhloso yokuxhumana naye nokubhekana nesimo.

Uthi njalo ngoDisemba unina wayevame ukwenza ukudla okumnandi nokusuthisayo bese ekuthumela eGoli ngoba wayephana. Ekhumbula leso senzo sokuphana kukanina, uNksz uThebe wenza ojeqe ababili wabaphathela abalingani bakhe emsebenzini, wathi: “Ukuba umama usaphila, ubezongithumelela ukudla.” 

UNksz uThebe, ofundele ukubawumpheki nombhaki eCapsicum Culinary Studio, uthi kakade uthando lwakhe lokudla lwaqala eneminyaka eyisikhombisa ephekela abakubo ipapa noshatini.

“Ngelinye ilanga, ngathola i-oda lamadombolo awu-300 omcimbi. Nganginebhodwe elilodwa nekhishi elincane. Esikhundleni sokuthi ngilichithe lelo oda, ngathola isitofu esikhudlwana, ngaboleka amabhodwe, ngashayela udadewethu ucingo, ngapheka ubusuku bonke kwaze kwalunga i-oda. Lelo oda elilodwa labayisiqalo sebhizinisi,” kukhumbula yena.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/26/ophuma-phesheya-ubuyise-isinkwa-sombhako-esitayeleni/ 

Ngemva kwaloko wabhalisa iCosmo Dumplings, ibhikawozi nesitolo sokudla kwesintu kodwa okushuniwe ngendlela yesimanje esiseJackal Creek Corner, eNorthriding, eGoli.

Yenza amadombolo nojeqe ajwayelekile nathakwe ngokherothi, ukolweni, umbila, i-parsley nangena-gluten. Kukhona nenyama yenhloko, eyenkukhu yesiZulu neyangaphakathi.

UNksz uThebe egabisa ngojeqe wakhe owenziwe isimanje


Amadombolo akhe nojeqe asedayisa ezitolo zaseSpar eziseGauteng. Aqala  kuR9 kuya kuR17, kuya ngokuthi athakwe kanjani. 

Amadombolo eCosmo Dumpling eselungele ukuya koSpar 

UNksz uThebe uthi uhambo lwakhe aluzange lubelula kodwa  belunezinselelo njengokuswela imishini efanele, ikhishi elincane, ukungabinemali, ukwenza amakhasimende athembe umkhiqizo wakhe nokuqonda kabanzi ngezidingo zebhizinisi.

“Ngangenza yonke into ngezandla zami, ngingaguquki ezintweni engizenzayo. Bengiboleka izinto zokusebenza, ngisizwa wumndeni, ngisebenza ubusuku bonke ngingalali futhi ngavumela uthando lwami lokupheka nenkumbulo kamama ukuthi lungiqondise. Bengingeke ngikwazi ukuyeka,” kusho yena. 

Into ayithakasela ngebhizinisi wukuthi limkhumbuza unina, ukubona amakhasimende ejabulela okuvela enhliziyweni yakhe, ukungena koSpar nokuthi useqashe abantu ayishumi. 

Iseluleko sakhe kwabacabanga ukuqala ibhizinisi sithi: “Qala ngaloko onako. Yibanothando, ungaguquguquki futhi uqine. Uzowenza amaphutha kodwa akufanele neze uyeke.” 

Eminyakeni emihlanu ezayo, uNksz uThebe ufisa ukukhulisa iCosmo Dumplings ibenama-franchise, abeke ukudla kwesintu esicongweni.

Facebook: Cosmo Dumpling

Instagram: @cosmo_dumpling

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page