Amaspaza anemishini yokugembula azolahlekelwa yizimvume

UNGQONGQOSHE womNyango wokuThuthukisa umNotho, iMvelo nezokuVakasha eLimpopo uMnu uTshitereke Matibe uthi imishini yokugembula ekumaspaza intshontsha imali kahulumeni ngoba abanikazi bawo baphula umthetho. 

Kuphasisiwe ukuhlangana kweMultichoice neCanal+

IKHOMISHINI eyengamele ukuncintisana okuhle eNingizimu Afrika iCompetition Commision iphasise ukuhlangana kwenkampani yokusakaza ezweni iMultiChoice edume ngeDStv nenkampani yaseFrance yokusakaza iGroupe Canal+ SAS, eyaziwa ngeCanal+.

Amaphaphu aphezulu kosomabhizinisi abancane abadayisa izimpahla eMelika

KULE nyanga umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump umemezele ukuthi intela yezimpahla zaseNingizimu Afrika ezidayisa ezweni lakhe izoba wu-30% uma kuqala u-Agasti.

Ukungakhokheli osomabhizinisi abancane ngesikhathi kukhomba ukuhlulwa wumsebenzi kukahulumeni, kuloba uJabulani Sikhakhane 

KUSAQHUBEKA ukuphula umthetho izikhulu zikahulumeni ezingeni lezwe nelezifundazwe. Loku zikwenza ngokungakhokhi ngesikhathi imali eziyikweletayo, okuyisenzo esishaya kakhulu osomabhizinisi abancane nabasafufusa, ikakhulu abamnyama okuyibona abavamise ukuhwebelana nohulumeni.

Abakhokhintela basakholelwa ekubambeni ulayini ukuze basizwe wumuntu eSars 

NAKUBA iSouth African Revenue Service (iSars) izama ukusebenzisa izindlela zobuchwepheshe ukuqoqa imininingwane yentela kodwa kusekhona abakhokhintela abakholelwa wukuya emahhovisi ayo.

Kufanele kubenemali yokugada ingozi – iphini likangqonqoshe wezimali

KUBALULEKILE ukuthi kubenemali ezovikela amazwe uma kunezimo eziphuthumayo ezishaya umnotho. Lisho kanje iphini likangqongqoshe womNyango weziMali uDkt David Masondo.

Iyakhanya indlela embonini kagesi ngenxa ye-Operation Vulindlela 

UMBIKO omusha ngohlelo lokuguqula isimo somnotho nenhlalo eNingizimu Afrika i-Operation Vulindlela uveza ukuthi izinhlelo zokuphehla ugesi zihamba kahle njengoba zonke ezazihlelwe kwi-bid window 5 seziphothuliwe. Lezi zinhlelo zizongenisa ugesi owu-288MW kulo nyaka. 

Njengoba iNingizimu Afrika izilungiselela intela yaseMelika, uhulumeni kufanele ungenelele ngokushesha, kuloba uBusi Mavuso 

ISIMEMEZELO esenziwe wuhulumeni waseMelika sokukhokhisa izimpahla eziningi eziqhamuka eNingizimu Afrika intela ewu-30% siyakhathaza kakhulu.

Sekutholakale ezinye izimoto ezinobuhixihixi

KUNGAKAPHOLI maseko ikhomishini evikela amalungelo abathengi iNational Consumer Commission (iNCC) izwakalise ukukhathazeka ngezimoto ezidinga ukubuyiselwa egaraji nakuba zisezintsha, izinkampani ezakha izimoto sezicele ukuthi kubuyisewe amaRange Rover Evoque namaMercedes-Benz egaraji. 

Kuvaleleke izimali zestokfela nezamabhizinisi e-Ithala – amakhasimende

UJULAYI yinyanga yokonga imali kodwa izinhlelo zokonga zabantu abalondoloza imali ebhange Ithala ziphazamisekile njengoba kunamacala asezithebeni zenkantolo ngekusasa laleli bhange.

Abantu baseNingizimu Afrika basebenza bazebagobe – ucwaningo

UCWANINGO olusha olwenziwe yiSanlam ngomhlalaphansi luveza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kufanele basebenze bazebabeneminyaka ewu-70 kuya kwewu-80 ukuze bakwazi ukongela impesheni.

Ingqophamlando yama-medical aid yamakhosi aKwaZulu-Natali

UKUBONA amakhosi engabinemali eyanele yokuzinakekela futhi noma egula engakwazi ukuthola usizo olusezingeni elifanele kwenze ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natali uMfu uThulasizwe Buthelezi wathule isikhwama semphesheni ne-medical aid yamakhosi.

Wu-10% kuphela wabantu abazimisele ukuthatha umhlalaphansi – ucwaningo

ZIJIKILE izinto uma kukhulunywa ngomhlalaphansi eNingizimu Afrika njengoba ucwaningo olusha lomhlalaphansi lweFNB luveza ukuthi wu-10% kuphela wabantu baseNingizimu Afrika abazimisele ukuthatha umhlalaphansi ngokugcwele uma sebeneminyaka ewu-60. 

I-Transnet Port Terminals inika intsha ithuba emnothweni

UKUKHOMBISA ukuthi ibalulekile intsha emnothweni, iTransnet Port Terminals (iTPT) ithi ibeke u6% wemali ozoyisebenzisa ukuthenga izimpahla nezinye izidingo emabhizinisini entsha. Itshale uR62 million ezinhlelweni zokucija amakhono ezisebenzi eziyintsha. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page