UNksz u-Abongile Sidzumo, umsunguli weSiyakhanyisa Yetse’s Farm yaseLusikisiki, eMpumalanga Kapa, umkhiqizo wayo osutholakala nasezitolo ezinkulu zokudla. Izithombe: Zithunyelwe

BaKhanyisa indawo ngamaveji asebedayisela izikhondlakhondla zezitolo

WUNQOBILE NDLOVU

UNINA nendodakazi baseLusikisiki, eMpumalanga Kapa, babevame ukuzitshalela ukudla komndeni wabo kodwa emva kokuthi omunye wabo ephelelwe wumsebenzi banquma ukuqala ibhizinisi eselidlondlobele.

UNksz u-Abongile Sidzumo usungule iSiyakhanyisa Yetse’s Farm abambisene nonina kuyo. Uthi bakhanyisa iLusikisiki ngezitshalo zabo, athi inabantu abadala abadinga ukudla okunomsoco. 

UYetse yigama lakhe lesidlaliso. Idayisa amazambane, iklabishi nespinashi, kanti babiza kusuka kuR15 kuya kuR80.

“Okungisize ukukhulisa ibhizinisi ngokushesha wukuthi benginamakhasimende engangiwadayisela singakanqumi ukuthi kube yibhizinisi. Kwathi ngo-2022 ngalibhalisa ngokusemthethweni,” kusho yena.

Uthi ukuba sendaweni eseduze kwenza kube lula ukuthi amakhasimende akhe athenge akudingayo ngaphandle kokuya edolobheni.

Akawuvali umlomo ngokuzikhangisa ezinkundleni zokuxhumana, njengoba waze wathintwa iBoxer Superstores ibona ibhizinisi lakhe kuFacebook base becela abadayisele ispinashi. 

Ispinashi seSiyakhanyisa Yetse’s Farm sesilungele amakhasimende kwesinye sezitolo soBoxer Superstores 

ISiyakhanyisa Yetse’s Farm idayisela imicimbi nemingcwabo kanti isezinhlelweni zokungena eSpar waseMthatha. 

“Ukuba wusomabhizinisi kungifundise ukubaluleka kokuba nesandla emakhasimendeni. Abanye abantu bayabuya bezothenga imikhiqizo yakho ngenxa yendlela owabaphatha ngayo beqala ukuzothenga,” kusho uNksz uSidzumo. 

Yize kungabanga nzima ukuqala ibhizinisi lakhe kepha ziyaqhamuka izinselelo kanti uthi akufanele zikuvimbe ukuya phambili. Muzwe echaza. 

ISiyakhanyisa Yetse’s Farm ayikabi nazisebenzi ngoba umsebenzi awukabi mningi kanti futhi uNksz uSidzumo uthi ubambisene kahle nonina.

UNksz uSidzumo uyisitshudeni e-Ingwe TVET College eLusikisiki lapho ufundela khona i-Office Administration ngenhloso yokuthuthukisa ulwazi lwakhe ngezamabhizinisi.

UNksz uSidzumo ufisa ukuba namapulazi amakhulu akwazi ukudayisela izitolo ezinkulu, alekelele izitshudeni ezifuna umsebenzi wamatshwasa uma seziqede izifundo zazo zezolimo.

  • Facebook: Abo Yetse

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/03/16/waqaphela-ukuthi-inkulu-indaba-emhlabathini-ngenkathi-ebambe-itoho-epulazini-osenepulazi-elithi-yena-uxoxe-nozanele-mthethwa/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page