UNkk uMpho Mahaswa, umsunguli wePrecious and Pearl Brands eyenza i-ginger beer, yaseGoli, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Owashiya umsebenzi wobunjiniyela usenza isiphuzo esingqangqayo 

WUTHOBILE ZWANE 

OWOYEWUNJINYELA usewomabhizinisi ovelele ngesiphuzo i-ginger beer eyenziwe ngezithako zemvelo ngendlela yesimanje. UNkk uMpho Mahaswa uwumsunguli wePrecious & Pearl Brands, inkampani yaseGoli, eGauteng.

Ngemva kweminyaka eyisishiyagalolunye esebenza embonini ekhiqiza uwoyela nogesi uNkk uMahaswa washiya phansi umsebenzi wagxila ekwenzeni lesi siphuzo.

“Mina nomyeni wami sasihamba kakhulu ngenxa yomsebenzi, okwakwenza kubenzima ukubheka izinto zasekhaya. Ngenkathi sibanengane yokuqala sathatha isinqumo esasingelula ukuthi omunye wethu kufanele ashintshe indlela yokwenza, nokwagcina kubayimina othatha leso sinqumo,” kukhumbula yena.

UNkk uMahaswa uthi waqala ukuphuza i-ginger beer enezithako zemvelo neyenziwe ngendlela yesintu etholakala emishadweni nasemingcwabeni. Inhloso yakhe kwabawukugcina lolu hlobo lwesiphuzo kodwa alwenze ngendlela yesimanje.

Imvelaphi yakhe ibeneqhaza elikhulu ekusungulweni kwenkampani. Uthi: “Ngakhulela edolobheni elincane ngibuka ugogo nomama benza izithakho ze-ginger beer. Ukwenza kwasekhaya kwangigqugquzela ukwenza i-ghemere (i-ginger beer) kube yinto yasekhaya oyithokozela noma nini ethokozelwa wumuntu wonke,” kusho yena.

“Ukwenza i-ginger beer kuthatha isikhathi futhi kuyagqilaza. Ngangiloku ngizama izithako, ngaze ngathola indlela elula nesheshayo nemnandi ngo-2018. Ukuzama kwami ekhaya ngisebenzisa ikhishi kuphenduke ibhizinisi langempela engaliqala egaraji ekhaya,” kulanda yena.

Yize aqala esebenza yedwa kodwa manje useqashe abantu abayisishiyagalombili ngokugcwele nabawu-20 abayitoho.

“Saqala kancane kodwa ngemva kwesikhathi sakhula. Manje sikwazi ukukhiqiza amalitha awu-10 000 ngenyanga ngezikhathi zesiphithiphithi onyakeni, sithumele izitolo ezinkulu oFood Lovers Market, Shoprite, Spar noPick n Pay,” kusho uNkk uMahaswa ngeqholo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/05/22/onebhizinisi-lempupho-yesiphuzo-sakudala-usesabalalele-nakwamanye-amazwe-uxoxe-notebogo-mokwena/

Uhambo lukaNkk Mohaswa aluzange lubelula kodwa lube nezigqinamba. “Ukungena kwezokudayisa kufuna ulwazi oluningi futhi olujulile nokuba namakhono afunekayo kodwa imali yokwenza loko ube ungenayo. Ukuthola usizo lwezimali kunzima kakhulu kosomabhizinisi abanamabhizinisi amancane njengelethu,” kusho yena. 

Uthi ibhizinisi lakhe manje selikwazi nokunikela emphakathini. Linohlelo lapho liqashe khona abantu besifazane bendawo ukuthi babengabadayisi, abakhangisi nabasebenzi basendaweni lapho kwenziwa i-ginger beer khona.

I-ginger beer yePrecious & Pearl Brands isilungele ukushaywa indali

“Akusiko nje ukwenza amathuba omsebenzi kuphela kodwa kuwukugqugquzela abantu besifazane ukuthi bazazi bangobani, bafunani nokuthi bakwazi ukuzimela. Sinemifundaze esiyinika izisebenzi zethu ezifisa ukuqhubeka nemfundo,” kusho yena. 

Uthi eminyakeni emihlanu ezayo bafisa ukukhulisa ibhizinisi lifinyelele kwamanye amazwe ase-Afrika naphesheya. “Kunamathuba amahle kakhulu okukhulisa leli bhizinisi eMelika naseYurophu futhi ngikholwa wukuthi uhlobo lwezithako zethu ezihlukile esididiyela ngazo luzothakaselwa emazweni aphesheya,” kusho uNkk uMahaswa.

Kosomabhizinisi abasafufusa unamasu okubahlomisa ukubhekana nezinselelo. “Uma ubona izinhlelo ezihlomisa ngolwazi noma ngezinsizakusebenza, faka isicelo. Mina zingisiza kakhulu ebhizinisini lami. Siyawadinga sonke amakhono, izinhlelo ezihlukene ezisuke zikhishwe wuhulumeni noma izinkampani ezithile futhi zihlinzeke ngezinsizakusebenza ezibalulekile,” kucebisa uNkk uMahaswa.

  • Facebook: Ghemere SA
  • TikTok: Ghemere SA
  • X: Ghemere_SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page