Ukholwa wukuthi inkunzi isematholeni otshala uthando lwezolimo ezikoleni
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
UKHOLWA wukuthi into oyifundisa ingane isencane, uyikhuthaze ukuhlale iyenza kwenza ikhule nayo futhi ayiphumi kalula emqondweni wayo.
Yingakho umlimi waseMandlanzini, eRichards Bay, enyakatho yaKwaZulu-Natali nomsunguli we-Ithuba Agribusiness, uMnu uThabani Ngubane esebenzisa amava nolwazi lwakhe lwezolimo ukukhuthaza abantwana ukutshala, bazikhiqizele ukudla.
Ithuba Agribusiness yinkampani yezolimo egxile ezinhlelweni zokuya ezikoleni ezihlukene ifundisa izingane ukuthi kwenziwa njani ukuba wumlimi.
“Nginentshisekelo enkulu yokubona abantu abasha bethuthuka futhi bephumelela empilweni, yingakho ngiya ezikoleni ezihlukene ngasekhaya ukufundisa izingane ezincane ngezolimo namathuba ahlukene alo mkhakha,” kusho yena.
Usehambele izikole ezihlukene zamabanga aphansi naphezulu zaseRichards Bay naseMpangeni, okukhona kuzo iBirdswood Secondary, iNhlabane Primary, i-Aquadene Secondary, iThakasani Primary, Esikhawini Primary neTholokuhle High.
“Ibhizinisi lami lisizakala kanjalo-ke ngoba kuthi uma ngihambele lezo zikole kube nosomabhizinisi nezinkampani ezizimele abangixhasayo ukusiza inkampani yami ithuthuke futhi ngizuze ngomsebenzi omuhle engiwenzayo,” kusho uNgubane.
Uthi usefike lapho ekhona manje kodwa uhambo lwakhe lwezolimo lusuka kude. Wakhuliswa wugogo owayemkhuthaza yena nezingane zakubo ukukhuthalela ukutshala nokuzikhiqizela ukudla.
“Yilokho okwenza ngakhula ngithanda ezolimo, ngaze ngathola ithuba lokufunda ngazo ohlelweni lomNyango wezoLimo olwenganyelwe wumasipala wangakithi iKing Cetshwayo, olubizwa ngeYouth In Agriculture and Rural Development (iYARD) kusuka ngo-2011 kuya ku-2013,” kusho yena.

UNgubane eklomelisa ngezifiketi abafundi bezikole ezihlukene ayebacije ngolwazi lwezolimo
KwiYARD ufunde ngokuqala nokuphatha ibhizinisi lezolimo waze wakhethwa ukuba wunobhala walolu hlelo ngo-2013, kwathi ngo-2019 waba wusihlalo wentsha esendimeni yezolimo kumasipala wangakubo.
“Ulwazi (engiluthole) kuyo yonke le minyaka lungisize kakhulu sengiqala inkampani yami ngo-2021 (kanti) isigunyaziwe nase-AgriSETA ukufundisa abantu ngezolimo, ngibanike nezitifiketi. Ngenye indlela engenza imali leyo ngayo.”
Okwamanje uzibambela konke ebhizinisini. Ubiza uR200 noR350 ukufundisa ngezolimo usuku, kube wuR1 500 kuya kuR2 500 izifundo zesonto ezihambisana nokwenza umsebenzi wokufundiswayo.
Uphethe ngokuthi ufisa ukuqhubeka ukuya ezikoleni zakwezinye izindawo ukufundisa ngezolimo futhi akhulise inkampani yakhe ibe ngethenjwayo ukucija abafisa ukungena kule mboni.