UNksz u-Angel Malele, umlimi osemncane waseMoremela, eHlabekisa, eMpumalanga, uwumsunguli weMoremela Farming ukhuthaza abafisa ukuqala amabhizinisi ukuthi baqale ngokuncane abanako. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi uqhubeka endimeni eyaklanywa wuyisemkhulu

WUTHOBILE ZWANE

ESIGODINI esincane iMoremela, eHlabekisa, eMpumalanga, ukulima emndenini sekuyindlela yokuphila amashumi eminyaka. Kwaqala ngomkhulu owayesebenza umhlaba, manje intokazi iqhuba lelo fa ngokuziqhenya.

Umnikazi weMoremela Farming uNksz u-Angel Malele uthi ezolimo waqala ukuzinaka ngo-2017 emva kokushiya emsebenzini ayeqashwe kuwona. Insimi yakhe ikhiqiza i-butternut, ispinashi, utamatisi, amazambane, u-beetroot, iklabishi, ubhontshisi, nombila.

Inkampani iqanjwe ngesigodi lapho yaqala khona. “Ngiyiqambe ngoMoremela ngenxa yomlando wakithi lapha. Umkhulu wayelima lapha, ubaba waqhubeka, manje sekuyithuba lami. Konke loku kungenxa yabantu basesigodini iMoremela. Ngifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi bahlale benabathembele kukona, ” kusho yena.

Useke wabhekana nezinselelo eziningi kodwa uthi ukukholwa nokuzimisela kwakhe kumenze akangaphela amandla, waphokophela.

“Ubaba, uMnu uSalioti Malele, wuyena owangikhuthaza. Uselime ngaphezu kweminyaka ewu-30 ngaphandle kokuthola usizo lwezimali. Ngangimbona edonsa kanzima ezimalini kodwa akazange adikibale. Wayesebenza kanzima ngaloko ayenakho ukwenza izinto zenzeke. Yiloko kanye engakufunda kuyena ukuthi uyaqhubeka noma kunzima,” kulanda le ntokazi eneminyaka ewu-30.

Ithi uhambo lwayo lwaqala ingenalwazi olutheni kodwa uyise wayekhona ukuze ayibonise indlela. “Ngangingakwazi okuningi ngokulima ekuqaleni kodwa ubaba wangifundisa konke. Wayehlale eseduze kwami ​​ukuze angisize kanti ngenxa yakhe ngikwazi ukwenza izinto eziningi ngingedwa manje.”

Uthi naphezu kolwazi nothando lukayise, usizo lwezimali luseyinkinga enkulu. “Ngezinye izikhathi ngike ngibambe amatoho ukuze ngikhokhele izisebenzi zami futhi ngiqhubeke nebhizinisi. Ngisebenzisa imishini emidala okwakungekamkhulu. Ifa njalo futhi idinga ukulungiswa kodwa ngikholwa wukuthi ngelinye ilanga izinto zizobangcono,” kusho yena.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/15/uguqule-amaphupho-asebunganeni-wawenza-ibhizinisi-lokulima-elichumayo/

Le ntokazi, ehlome ngeziqu i-Forensic Sciences & Technology ne-Risk Management, zombili ekungezase-University of South Africa, ithi ngaphezu kwezinselelo enazo isazinikele kumakhasimende ayo. “Ngihlale ngenza isiqiniseko sokuthi ngidayisa imikhiqizo esezingeni eliphezulu. Amakhasimende ami afanelwe okungcono kakhulu, futhi ngisebenza kanzima ukuwanika kona.” 

Utamatisi ovunwe eMoremela Farming

UNksz uMalele uqashe izisebenzi eziyisikhombisa, ezimbili eziyitoho nezinhlanu ezisebenza ngezikhathi ezithile zonyaka, okungenye yezindlela adala ngayo amathuba omsebenzi emphakathini.

Iseluleko sakhe kwabafisa ukuqala ibhizinisi sithi: “Ungalindi uhulumeni ukuthola usizo. Qala kancane, sebenzisa loko onako futhi uzethembe. Yenza ucwaningo. Kubantu abasha abathanda lo mkhakha wokulima ngithi ningalideli lelo phupho. Vukani nizithathe. Asikho isidingo sokubanomhlaba omkhulu. Uyaqala ngokuncane, usizo luzokuthola usuqalile.”

Ngekusasa, unesifiso sokukhulisa ibhizinisi lakhe libeyinto enkulu. “Ngifuna ukulima izitshalo eziningi isizini ngayinye, ngihlinzeke izitolo ezinkulu, ngakhe amathuba omsebenzi ikakhulukazi entsheni. Inhloso yami wukwakha into ehlala njalo futhi eqhubeka nokusiza abantu.”

  • Facebook: Angel WA Molimi
  • Instagram: @angel_wa_molimi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page