Uqhakazisa umhlaba ngamaveji nezithelo okungavamile
WUTHOBILE ZWANE
EMASIMINI avundile budebuduze naseMangaung, eBloemfontein, eFree State, ipulazi elincane livunguza ngamandla afana nezitshalo ezikhula kulona. Umlimi osemcane oneminyaka ewu-20 uhlakulela amaveji angavamile nezithelo, kwesinye isikhathi okuhlukile kokwejwayelekile ngemibala.
La maveji okubalwa kuwona u-carrot, i-zucchini esagolide, utamatisi obomvu ngezinye zezinto azitshalile kanti kuwubufakazi bombono wakhe wokuphaphamisa ezolimo ngezitshalo ezigqamile.
Umnikazi weLAMM J uNksz uLindiwe Moroka unethemba lokuthumela kwamanye amazwe omhlaba amaveji nezithelo angavamile futhi ahehe amakhasimende ngemikhiqizo yakhe engavamile ayilimayo noju. O-carrot bayimibalambala, u-betroot oyimibala ehlukene.
Lo mlimi, owenze izifundo ze-branding, uthi uhambo lwakhe lokulima lwalungalindelekile njengoba lwaluguquka. Eminyakeni emihlanu edlule wangena kwezolimo engahlosile. Okwaqala ngentshisekelo yokufuna ulwazi ngokushesha kwakhula kwaba wuthando olukhulu. Uthi uwumuntu othanda ukuzama izinto ezintsha.
Nakuba engazange azifundele ezolimo, waba wumlimi ozifundise yena, kuso sonke isifundo asinikwa wumhlaba uyafunda kusona.
Indlela yakhe yokuzikhangisa yamsiza ukubona amandla okudala izinguquko ezigqamile ezinemibala emikhiqizweni engavamile.
“Ngokusebenza nethimba elincane lezisebenzi ezinhlanu eziyitoho nezinye ezine ezifika ngezikhathi ezithile, ipulazi elingamahektha amane liyindawo yokuhlola njalo. Ndawonye sisebenza kanzima, asigcini nje ngokutshala izitshalo kodwa sithuthukisa iphupho lokukhangisa ezimakethe zomhlaba,” kusho yena.
Nakuba uhambo lubenezinselelo kodwa uNksz uMoroka uthi unina, owakhulela epulazini, ubewumeluleki wakhe wathekela ulwazi kuyena.
“Ukulima kunezikhathi ezinhle nezimbi kodwa uma unenhliziyo yakho uzothola izindlela zokukwenza,” kusho yena encoma izeluleko zikanina njengezibaluleke kakhulu.
Nokho imingcele yendawo ayibolekwa wunina isiyamnqinda manje. “Amahektha amane awanele kuko konke engifuna ukukwenza,” kusho yena.

Ezinye zezithelo zaseLamm J eziyimibala egqamile
Njengoba enamaphupho okuthumela umkhiqizo wakhe omibalabala ezimakethe zomhlaba uyazi ukuthi kuzodingeka umhlaba omningi ukwandisa isivuno sakhe nokufinyelela ezingeni eliphezulu.
Iseluleko sakhe kwabesifazane abasebasha abacabanga ekungena kwezolimo sithi: “Thatha ithuba, ungangabazi. Ukulima kunzima kodwa futhi kunomvuzo ngendlela emangalisayo.”
Uthi uhlela ugqamisa uhlelo lwakhe lokulima olunemibala engavamile embonini yokulima.
- Linkedin: LAMM J PTY LTD
- Facebook: Lindee Skini Moroka
- @lamm_j_