Abalimi abancane baqhubeka lapho kwaqala uyise khona
WUTHOBILE ZWANE
NGENKATHI izelamani zithola umhlaba omncane nemfuyo ngemva kokushona kukayise ngo-2008, zafikelwa wumqondo wokuhlonipha ifa lazo ngokuqala ibhizinisi lemfuyo.
OMnu uZukisa noLuzuko Kelepu, baseCentane, eMpumalanga Kapa, baqala ngezinkomo eziwu-25, iziklabhu eziwu-20 nezimbuzi eziwu-15 kanti namuhla sebephendule ifa labo iBaboons Kraal ibhizinisi lesimanje. Ipulazi litshala amaklabishi, isipinashi, ithanga, u-beetroot nombila.
UZukisa uthi ukufuya akusiwo umdlalo. Uthi izinselelo ezifana nokuswela amanzi, umhlabathi ongavundile nomhlaba ongekho esimweni kubahlehlisela emuva. Nokho uthi njengoba ehlome ngeziqu i-Agricultural Management yaseNelson Mandela University, nguye ophethe izintambo epulazini nsuku zonke yena akakuvumeli ukuhluleka noma izimo zinzima kangakanani. Umfowabo uyabamba lapho nalapho.
Amaveji bawadayisa kakhulu kubadayisi basemgwaqweni, eBoxer, eSpar oseCentane, neSuperSpar eseButterworth. Amanye bawadayisela abantu noma izitolo zendawo zezithelo namaveji.

Imfuyo yeBaboons Kraal isemadlelweni
“Ukuqala kancane ibhizinisi akusho ukuthi ukufanele uzitshele ukuthi ngeke likhule. Konke kuqala nje ngokufunda ngenkathi ukhula wenze isiqiniseko sokuthi awukhohlwa wukuthi waqala kanjani ukuze nekusasa lizobayimpumelelo,” kucebisa yena.
Ngokuzikhandla nokuzinikela ibhizinisi sebelikhulisile kanti manje bafuye izinkomo ezingaphezu kweziwu-100, izimbuzi eziwu-40.
Uthi ukuntshontshwa kwemfuyo yisinkwa semihla ngemihla eMpumalanga Kapa kodwa bona ukuvikela imfuyo baqashe umelusi ogada imfuyo. Uthi: “Uhlale nje esezintabeni egade imfuyo. Kubalulekile ukuqapha umsebenzi nsuku zonke.”
Uthe ekuqaleni bebengasiboni isidingo sokuphawula imfuyo ngomaka kodwa manje konke lokho sekushintshile. “Ukubhala nokufaka imfuyo yakho uphawu olungajwayelekile yindlela yokuthi imfuyo ibonakale uma intshontshiwe. Kwasisiza kakhulu nokuthi sizwazi ukubona izinkomo zethu,” kulanda yena.
Ukungenelela komphakathi kubeneqhaza elikhulu ukunciphisa ukwebiwa kwemfuyo. “Njengoba imfuyo yethu ihlangene neyabanye abantu endaweni kodwa siyakwazi ukuyibona eyethu nabanye ngokunjalo,” kusho uKelepu.
Uthi ukufuya kuye akuwona nje umkhakha, uthi kuyindlela yokukhuthaza intsha. “Sifuna ukubonisa intsha ukuthi ukufuya akuyona nje into ebonakala ilula ukuyenza kodwa kunomvuzo omkhulu,” kusho yena.
- Facebook: Baboons Kraal
- Instagram: @Zukisani_Kelepu

