Ucwaningo azithela kulona lwamenza wangena ekufuyeni izimbuzi eziyivelakancane
WUNQOBILE NDLOVU
ZIMBILI izinto ezamholela ekufuyeni umfuyi waseNtshongweni, entshonalanga yaseThekwini, KwaZulu-Natali.
Esinye sezizathu uMnu uNkululeko Khumalo, umnikazi weBhekumndeni Boer, esenza ukuthi angene kwezolimo wukugqugquzelwa wunina ongasekho emhlabeni.
Isizathu sesibili wucwaningo ahlangabezana nalo olwalubika ukuthi iNingizimu Afrika ithenga izimbuzi ezingaphezu kuka-2 million ngonyaka eNamibia, u-90% wazo uthunyelwa eKZN ngoba kuyisifundazwe esiswele izimbuzi kunazo zonke ezweni.
“Kwangimangaza kakhulu ukufunda ngaloku. Angibange ngisacabanga kakhulu nganquma ukuqala ibhizinisi lokudayisa izimbuzi,” kusho lo msunguli weBhekumndeni Boer, ayiqala ngo-2019.
UBhekumndeni ngelinye lamagama akhe kanti u-boer uchaza uhlobo lwezimbuzi eziwumbala omhlophe nekhanda elibomvu, nokuyilona hlobo lwezimbuzi aqala ibhizinisi lakhe ngazo.
Izimbuzi zohlobo i-Boer okwaqalwa ngazo iBhekumndeni Boer
“Iningi losomabhizinisi lilwela izinto ezimbili – ukwenza inzuzo ngemikhiqizo yalo nokuvala isikhala sokumenze waqala ibhizinisi. Yingakho ngaqala ngalezi zimbuzi ngoba ngangazi kahle ukuthi zizoshesha ukudayisa ngoba abantu bagcina ngazo amasiko futhi zinenyama eningi,” kusho uKhumalo.
Usizwe yizinkampani ezimbili ezimcobelele ngolwazi iBuhle Farmers Academy, yaseMpumalanga neBoer Goats SA, ezimqeqeshe waze wathola isitifiketi se-Animal Production, nathi kumsizile ukuthuthukisa ulwazi lwakhe.
“Kubalulekile ukuqeqeshwa uma unebhizinisi lemfuyo ukuze uzokwazi ukuthi inkinga ikuphi uma isilwane sikhombisa ukungaphili futhi wazi ukuthi ungasisiza kanjani.
“Sekukaningi ngibona osomabhizinisi abadayisa imfuyo ezinkundleni zokuxhumana. Bambalwa kakhulu abakhombisa ubunzima ababhekana nabo, ngakho kubalulekile ukukhohlwa abanye abantu, ugxile kokwakho,” kucebisa yena.
Izibhuklabhukla zeziklabhu zeBhekumndeni Boer
Eminyakeni emihlanu ichume kwafika lapho uKhumalo enquma ukwandisa imfuyo ayidayisayo njengoba sekukhona izinkukhu, iziklabhu nezinkomo. Izinkukhu zibiza uR110, izinkomo ziwuR12 000 kuya phezulu, izimbuzi neziklabhu ziqala kuR2 000 kuya phezulu. IBhekumndeni Boer isinezisebenzi ezintathu.
Ezinye zezingqinamba aseke ahlangabezana nazo wukuntshontshelwa izimbuzi njengoba alahlekelwa eziwu-55 ngo-2019, ukuhamba kwezisebenzi, ukucishwa kukagesi, osekuphoqe ukuthi afake ingqalasizinda kagesi ophehlwa ngelanga.
IBhekumndeni Boer isidayisa nezinkomo
UKhumalo uthi ubalulekile umhlaba kubantu abamnyama kanti ufisa sengathi abantu bengakubona loko. Mlalele echaza ukuthi kubaluleke ngani.
IBhekumndeni Boer idayisela abantu bendawo kakhulu nomasingcwabisane.
- Facebook: Bhekumndeni Boer Goats
- Instagram: Bhekumndenilifestock