UMnu uSfiso Mtshali weMagalela Enterprise Poultry yaseGroutville, KwaDukuza, KwaZulu-Natali, efuya izinkukhu. Izithombe: Zithunyelwe

Ukungathathwa enyuvesi kwenze waphephela ebhizinisini lokufuya izinkukhu

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

KWAPHELA unyaka ehleli ekhaya ngoba zingaphumelelanga izicelo zakhe zokufundela ubunesi ngemva kokuqeda uMatikuletsheni ngo-2017. Kwenza uMnu uSfiso Mtshali ahlele kabusha acabange ukuthi yini enye angayenza. 

UMtshali waseGroutville, ngasogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natali, waqhuba isikhathi ngokuhambela izigcawu zokucobelelana ngolwazi lwamabhizinisi ngakubo ukugwema ukubhuquza.

Wayisungula kanjalo iMagalela Enterprise Poultry, inkampani efuya izinkukhu ayiqale ngo-2019, esebenzisa ulwazi lwezamabhizinisi aluthole mahhala kulezo zigcawu ayezithamela. UMagalela yisithakazelo sakwaMtshali.

Ukuqala leli bhizinisi kwenze wayithanda kakhulu le mboni, yingakho ngo-2020 abhalisela i-Diploma in Agricultural Extension eMangosuthu University of Technology, ayiphothula ngo-2022.

“Izinkukhu zami zithandwa kakhulu wogogo nomkhulu bendawo futhi zithengwa ngabantu abafuna ukuzidayisela nomama bezitok’fela ngamaholidi kaDisemba kanti ibhizinisi lihamba kahle kakhulu ngenxa yomndeni wami ongesekayo ukuliqhuba njengoba ngingakaqashi muntu kulo.” 

Uthi okunye okumsizile yiseluleko sikaMnu uFortune Nkwanyana, owenza izinkulumo ezikhuthazayo owamcebisa ukuthi aqikelele ukuthi ibhizinisi alisungulayo liba yisixazululo senkinga ekhona emphakathini. 

Inkukhu yeMagalela Enterprise Poultry isilungele ukushaywa indali

Ukhale ngokungabi nezinsizakusebenza ezanele ukukhulisa ibhizinisi lakhe njengoba esasebenzela kubo kanti uke wanenkinga yamasela emfuyo endaweni. Uthi njengoba esaphemba yonke inzuzo ayitholayo uyitshala ebhizinisini.

“Ukuphatha ibhizinisi kudinga ukuthi usebenze kanzima, uhlale ukhuluma ngalo konke lapho uhamba khona ukuze laziwe ngabantu abaningi futhi lifuna umuntu okwazi ukubezekela ngoba amakhasimende awafani bese uhlale uzihlupha ngolwazi lokwenza lichume futhi lime nasezimweni ezinzima.” 

Kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili. NoMtshali kunezinto impilo emfundise zona, akholwa wukuthi ingahlomulisa intsha. Muzwe echaza. 

EMagalela Enterprise Poultry inkukhu ephilayo iwuR100, uR115 echuthiwe noR140 esilungele ukudliwa. “Manje sengibheke ukukhulisa ibhizinisi lami bese ngifundisa intsha yangasekhaya ngezolimo nokufuya ukuze ikhuthale ukungena kule mboni,” kuphetha uMtshali.

  • Facebook: Magalela ENT Poultry
  • Instagram: magalelaenterprisepoultry

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/12/08/ukuvalwa-kwezwe-kube-yisibusiso-kumlimi-osafufusa-oqale-ibhizinisi-lokufuya-nokudayisa-izinkukhu-uzanele-mthethwa-uxoxe-naye/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page