Uthando olwatshalwa wunina selumnika isinkwa
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
UKUKHULISWA wumama owayesebenzisa amakhambi emvelo ukulapha abantu bendawo kwenza intokazi yaKwaMhlabuyalingana, enyakatho yeKwazulu-Natali, yakhula ithanda imvelo, ikakhulu izihlahla nezitshalo ezihlukene.
Namuhla uNksz uLihle Ngwane usenenkampani yezolimo iPuno Agrofoods, ayiqale ngo-2018, engagcini ngokukhiqiza amaveji nezithelo kuphela kodwa futhi yenza okwakwenziwa wunina ukwenza amakhambi esintu.

Umkhiqizo wezimbali ezidayisa ePuno Agrofoods
Uthi ukukhiqiza amakhambi ehlukene okwelapha kuthela izithelo njengoba edayisela abelaphi bendabuko nezisebenzi zikahulumeni.
“Sitshalela nabantu izihlahla zezithelo ezihlukene emakwabo kanti sisanda kubanesivumelwano sokusebenzisana nomNyango wezoLimo eKZN ukucija abalimi abasafufusa ukuthi bachuma kule mboni,” kulanda yena.
Eqala ibhizinisi wasizwa wumsamariya olungileyo uMnu uThembinkosi Mabika ukuthenga konke ayekudinga ukuqala inkampani yakhe asebenzela kuyona emhlabeni wakubo owu-2.5 hekthare.
Okunye okwenza ibhizinisi lakhe lichume wukuthengwa ubuthaphuthaphu kwemikhiqizo yakhe ehlukene ikakhulu upelepele, ujamu ne-chilli sauce.

Ujamu ne-chilli sauce kwePuno Agrofoods
Kubiza kusuka kuR30 kuya phezulu ngokuhlukana komikhiqizo, ubukhulu nobuncane bomsebenzi wekhasimende lakhe.
Uwumuntu ozihluphayo ngemfundo. Loko kufakazelwa wukuthi ngaphambi kokuqala ibhizinisi, wenze i-Junior Farm Management e-Elsenberg Agricultural College, eNtshonalanga Kapa, i-Bachelor of Agricultural Extension and Plant Production eStellenbosch University i-Honours ne-Master’s in Agricultural Management e-University of Pretoria.
“Amakhasimende ami amaningi angasekhaya, eThekwini naseMpangeni. Okwamanje ngisasebenza ngedwa ebhizinisini, ngiba nezisebenzi eziyitoho uma kunomthamo omningi womsebenzi.
“Ngenye yezinselelo engibhekana nazo ebhizinisini ngenxa yokuthi umsebenzi uyasinda kanti angikabi nawo amandla okuqasha izisebenzi ngokugcwele futhi angikakwazi ukufinyelela kwezinye izindawo,” kusho yena.
Mayelana nezinhlelo zangomuso, uNksz uNgwane uthi ufuna iPuno Agrofoods yaziwe isifundazwe sonke, ibengethenjwayo ukucija abantu abasha ngezolimo.
Facebook: Lihle Ngwane Nursery & Produce