UNksz uMaletsiri Mogodi, umsunguli weNgwanamobu Farming yaseGauteng. Isithombe: Sithunyelwe

Uguqule amaphupho asebunganeni, wawenza ibhizinisi lokulima elichumayo

WUTHOBILE ZWANE
IZANDLA zentokazi esencane yaseLimpopo zazihlala zikwazi ukuzwa inhlabathi. Kusukela ekukhumbuleni kwayo kokuqala izindawo zasemakhaya ezijulile zaseKgosi, eSekhukhune, lapho ogogo bakhe babevuka ekuseni bambize futhi babendawonye behamba bebheka emhlabeni owudedangendlale.

Namuhla uNksz uMaletsiri Mogodi uwumnikazi weNgwanamobu Farming ezinze eGauteng, ayisungula ngo-2021. Itshala ispinashi, iklabishi notamatisi.

“Ngakhulela endaweni lapho kwakuyinto evamile ukuthi imindeni ilime ndawonye, isebenzise umhlabathi owadluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane. Ogogo bami abase bedla  ifa nomhlaba ababewulima bangifundisa ukubaluleka kokusebenza kanzima nokuziphilisa,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/17/umlimi-wesifazane-wathekela-kumyeni-wakhe/

Akasebenzisi kuphela ulwazi aluthole kogogo bakhe njengoba emva kokuphothula uMatikuletsheni, wafunda eTshwane University of Technology i-Diploma in Agriculture. 

Uthi izinto zike zanzima kwaze kwacaca ukuthi iphupho liyashabalala kanti uthi ngalesi sikhathi izinto zibheke phezulu wakhuthazwa wukuthi ukubambezeleka kwephupho lomuntu kusuke kungasho ukuthi sekuphelile ngalo. 

Izinto zilunge ngoSepthemba wango-2021, ngesikhathi ethola umhlaba eGauteng. Uthi akakhuthazwanga nje wukufisa ukondla umndeni wakhe kodwa wayefisa  nokondla umphakathi, ukudala amathuba emisebenzi nokwakha into ezohlala isikhathi eside.

Uthi uma ebona indlela impilo ebiza ngayo nokuntuleka kwemisebenzi wabona ukuthi ukulima yilona bizo lwakhe.  

INgwanamobu Farming iqashe abantu abathathu abasebenza ngokugcwele.

Kubantu abasha abafisa ukuhamba ezinyathelweni zakhe ubacebisa ukuthi bangasabi ukuqala  kancane. “Sebenzisa loko onakho. Yenza ucwaningo; amaphephabhuku, izincwadi, nokuhambela izingqungquthela namava konke kuzokusiza kanti okubaluleke kakhulu wukuthi sebenzisa lolo lwazi bese uzenzela umsebenzi.  Ngeke uwazi umhlaba kuze kube izandla zakho sezingenile kuwona,” kucebisa uNksz uMogodi. 

  • Facebook:  @ngwanamobu Farming
  • Instagram: @ngwanamobu_farming 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page