Izintokazi ezihlangane esikoleni sezolimo zidudene ngebhizinisi
WUSIMANGALISO NTSHANGASE
BAHLANGANE esikhungweni esicija abalimi ukuzofunda ngomkhakha wezolimo, babangamathe nolimi, okugcine kuholela ekutheni baqale ibhizinisi lokudayisa izithombo zamaveji.
ONksz uPhumelele Zama waseLamontville, eThekwini, uSne Bekwa, uZinhle Ngubane, uPhumla Mkhize no-Aphelele Ntuli baseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, badudane ngokusungula i-Indonsa Yendalo Agri-Care.
UNksz uZama, oxoxe noMbele, uthe umcabango webhizinisi wafika naye ngonyaka odlule, watshela abalingani bakhe, bawuthanda base beqala ibhizinisi ngo-Okthoba.
“Ngiqale ukwazana nabo eMgibe Farming Organics and Training, mina ngisasebenza khona ngaleso sikhathi, kanti sizozwana sagcine sinquma ukuqala ibhizinisi sikhuthazwa nangabesikhungo ukuliqala,” kusho yena.
Abanye babasunguli be-Indonsa Yendalo oNksz uPhumelele Zama, uNksz uZinhle Ngubane noNksz u-Aphelele Ntuli
UNksz uZama uthe kube lula ukuqala ibhizinisi kwabo ngoba ngaphambi kokusebenza eMgibe wasebenza eMnyangweni wezoLimo iminyaka emibili, okumsize ngamava abawasebenzise ukuqala.
Beqala inkampani yabo bangenela umncintiswano weMomentum Limited oxhasa abesifazane ukuqala amabhizinisi, bahlomula ngoR100 000 wokuthenga izinto ezazidingeka ukuqala ibhizinisi, bathola nendawo abayiqashayo ewu-25x10m2 abasebenzela kuyona KwaMpumuza.
“Sidayisa izithombo zamaveji ehlukene okukhona kuzo ezika-lettuce, ispinashi, iklabishi, u-green pepper nopelepele bese sikudayisa ngoR1 isithombo noR200 ezigcwele ithreyi,” kusho yena.
Izithombo zamaveji ezidayiswa yiNdonsa Yendalo
Uthe nakuba kungahlale kumnandi ebhizinisini ngenxa yendlala yamakhasimende, kodwa basizwa wukubasohlwini lwabalimi ababhaliswe eMnyangweni wezoLimo, okubasiza ukuthola amakhasimende.
“Nokuthi sizikhangisa kuFacebook (emakhasini ethu) nakuWhatsApp umsebenzi esiwenzayo futhi sihambela nemicimbi yokucobelana ngolwazi nabanye osomabhizinisi okusisiza ukuthola amacebo okuthuthukisa ibhizinisi lethu,” kusho uNksz uZama.
Kuthiwa iningi liyabona ububende kanti ukuba baningi kunezinselelo zako, njengokuqhubana ngamadolo emsebenzi nezinye. Pho bona benza kanjani nalezi zimo? UNksz uZama ngokuthi babhekana kanjani nokungaboni ngaso linye ebhizinisini. Yizwa echaza:
Isifiso sabo wukuba nendawo enkulu yokusebenzela nokuthola izindlela zokunciphisa izindleko zanyanga zonke.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/01/16/abaqeqeshelwe-ezolimo-sebezakhele-imakethe-kubalimi/