Abalimi bekhofi babheke ukukhiqizela umhlaba wonke
WULERATO SERANE
ESIGODINI lapho ukufuya nokutshala umbila kuyinto eneminyaka ihamba phambili, uNksz uLiza Legodi ukhethe indlela ehlukile.
UNksz uLegodi, oneminyaka ewu-24 noneziqu i-Human Resources Management, noyise uMnu uLesiba Legodi batshala imbewu yekhofi eBellingsgate, KwaMashashane, eLimpopo.
Bobabili sebenonyaka bekhethe leli bhizinisi elingajwayelekile abalenza emhlabeni oyihekthare elisemhlabeni osetshenziwa ngabalimi abehlukene, nosendaweni lapho abantu abaningi betshala umbila.
“Selokhu siqale leli bhizinisi ligila izimanga futhi alikabi nazo izinselelo ezivame ukubhekana nabanye abalimi nabafuyi njengezifo ezibulala imfuyo, nezinambuzane ezidla izitshalo. Sikhiqiza umkhiqizo wokwenza ikhofi omuhle futhi uyavuma njalo ngonyaka,” kusho uLegodi.
Sebevune okuhle njengoba bekhiqize amasaka angaphezu kwawu-12 ezinhlamvu zekhofi.
ULegodi ukhulele endaweni lapho abantu bekhiqiza ukudla emagcekeni abo nasemhlabeni oyihekthare abaklanyelwa wona yinkosi yendawo. Baqale leli bhizinisi bengenamava alo ngoNovemba wango-2022, emva kokuthatha kwakhe umhlalaphansi lapho ayesebenza khona eGauteng.
Baqale ibhizinisi ngembewu yokwenza ikhofi uNksz uLegodi ayinikwa wukhokho wakhe, owamtshela ukuthi babeyisibenzisa endulo.
Izinhlamvu zekhofi baziphiwa ngabalimi bakudala abayizihlobo zabo zaKwaMashashane, eLimpopo. Basebenzisa leyo mbewu ukukhiqiza ikhofi, basebenzisa izandla ukulungisa umhlaba asebelima kuwona.
ULegodi wasebenzisa ingxenye yempesheni ukukhokhela ugandaganda olungise indawo ngaphambi kokutshala kuyona.

Uyise nendodakazi bazibambela mathupha epulazini betshala emva kokuthi ugandaganda ulungise umhlaba
“Ngangingazi ukuthi izinhlamvu zekhofi zitshalwa kanjani kwaze kwaba ngiyazitshala ngokwami, ngafunda okuningi ngazo ngendlela. Sivuna ngoJuni kanti kuzobe kungokwesithathu sivuna kulo nyaka seloku saqala ukutshala ngo-2022,” kusho uNksz Legodi ekhomba izitshalo zekhofu eziklepezelayo emhlabathini.
UNksz uLegodi uthe leli bhizinisi likhulise uthando lwakhe lwezolimo kanti manje uzama indlela yokukhiqizela ukudayisela amakhasimende amaningi.
“Sivune emva kwezinyanga eziyisishiyagalolunye emva kokutshala ngoNovemba. Sizenzela yonke into ngokwenthu, kusuka ekuvuneni izinhlamvu zekhofi, wukuzipheka nokuzigaya,” kusho yena.
Umkhiqizo wokugcina bayawuhlukanisa, bawukale bese bewufaka emabhodleleni eplastiki. Okwamanje badayisa ikhofi labo emphakathini, emicimbini eyahlukene nasezimpeshenini.
Ngonyaka odlule uNksz uLegodi uvune izikhawu eziwu-11 zezinhlamvu zekhofi abangakazilungiseli ukuzidayisa okwamanje ngenxa yobuningi bomsebenzi.
“Kuyinselelo ukwenza yonke into ngezandla ngoba sibabili kuphela sinobaba ebhizinisini kanti lezi nhlamvu kunzima ukuzihluba, yingakho kuthatha isikhathi ukwenza yonke into siqede,” kusho yena.
Enye yezinselelo ababhekene nayo ngokusebenza emhlabeni abasebenza nabanye abantu kuwona wukungabi nazo izinto ezifana namapitsi.
“Sithwala kanzima ukuthola amanzi, okwenza sincike kakhulu ezikhathini lapho imvula ina khona ukukhulisa umkhiqizo wethu,” kusho uLegodi.
UNksz uLegodi usebenzisa izinkundla zokuxhumana ukwazisa abantu ngomkhiqizo wabo kanti bayawudayisa nasepulazini labo.
“Asizisebenzisi izinto zokugcina ikhofi lethu isikhathi eside, yikhofi nje elingaphuzwa yinoma wubani ngaphandle kokukhathazeka ngokuthi lingahle limale,” kusho lo mlimi omncane.
Yize abantu baseNingizimu Afrika belithanda ikhofi kodwa leli zwe alibalwa nalawo ahamba phambili ekulikhiqizeni. ITopiya ngelinye lamazwe aseqhulwini ekukhiqizeni ikhofi e-Afrika kanti ingelesihlanu emhlabeni.
ITopiya ikhiqiza cishe u-40% womkhiqizo wekhofi e-Afrika lapho ikhofi lenziwa ngendlela yemvelo.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.mukurukurumedia.co.za