Umlimi omncane ulwa nokuguquguquka kwezulu
WUTHOBILE ZWANE
ESIGODINI saseMoloro e-Acornhoek, eMpumalanga, umlimi osemncane wenza umehluko ngokutshala amaveji. Lo mlimi uqale uhlelo lokulima olunempumelelo olukhuthaza abanye ukuthi bakholelwe emandleni okulima.
UMnu uMahlatse Chiloane, oneminyaka ewu-25, uthi uyakuthanda ukulima. Ngo-2020, ngesikhathi se-COVID-19, uthi waqala iKhamby Farming Projects kanti uthi wagqugquzelwa wugogo wakhe ongasekho, naye owayengumlimi, uthi wanquma ukusebenzisa amakhono amfundisa wona ukuze alime futhi ondle umndeni wakhe.
EKhamby Farming Projects kutshalwa iklabishi, u-anyanisi, upelepele, nespinashi. Uthi yize ebhekene nezinselelo, usebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi isivuno ngasinye siba yimpumelelo.

I-butternut ngelinye lamaveji atshalwa eKhamby Farming Projects
UChiloane uthi ukulima akuwona umsebenzi olula. Uthi emva kokuqeda isikole enganamali yokufundela umsebenzi wagcina ebamatasa nomhlaba awushiyelwa wugogo wakhe ngokuthi atshale.
“Akubalulekile ukuthi uqala kancane kangakanani, okubalulekile wukuthi uthathe isinyathelo sokuqala,” kusho yena.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/01/30/ukuvaleka-komnyango-wesikole-kwamkhumbuza-esasekhaya/
UChiloane isifiso sakhe wukukhulisa ibhizinisi lakhe lokulima nokuvulela abanye amathuba omsebenzi. Nokho okwamanje ubengakaqashi muntu kodwa usizwa ngabantu bakubo.
Uthi ukholelwa wukuthi ukulima akukhona ukubeka ukudla etafuleni kodwa kusho ukulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu nokwehlisa ukuntuleka kwemisebenzi.
“Isifiso sami wukukhuthaza abanye abantu abasha ukuthi babone ukulima njengethuba. Ukuqala kancane, ukuhlala uzinikele entweni oyenzayo, ungawubona umehluko,” kweluleka uChiloane.
- Facebook: Khamby Farmer
- Instagram: @mahlatse_ds