Umsunguli weTshimo Agribusiness and Projects yaseGanyesa, eNorth West, unesifiso sokugcina isidayisela izitolo ezinkulu. Izithombe: Zithunyelwe

Umfuyi wesifazane ulandela igama lakhe lobuBhunu

WUTHOBILE ZWANE 

INTOKAZI yaseGanyesa, eNorth West, ekhulele emndenini ofuyayo ilandela isibongo sayo ngebhizinisi layo lokufuya futhi ehamba ezinyathelweni zikamkhulu wayo nonina, bobabili ababenothando lokulima.

Umsunguli weTshimo Agribusiness and Projects uNksz uNeo Leburu, okusho ukuthi iBhunu, uthi ezolimo waqala ukuzinaka ngo-2006, ngesikhathi umndeni wakhe udonsa kanzima. Ibhizinisi uliqambe ngegama lendodakazi yakhe uTshimo. 

Umngani womndeni wapha unina izimbuzi ezincane ukubasiza baziqalele ukufuya. Uthi leso sipho sashintsha yonke into. “Siqale ngezimbuzi, sengeza ngezinkomo, sasesifaka nezinkukhu. Kwaqala kuyindlela yokuziphilisa kodwa kwagcina sekuwuthando kimi,” kulanda yena.

Izinkukhu zeTshimo sezilungiselwe amakhasimende

Ngo-2016 wake wathi hulukuqu eGoli, eGauteng, lapho ayeqashwe khona kodwa uthando lokulima lwambuyisela kubo.

“Ngayeka umsebenzi ukuze ngiyoqala ibhizinisi lokufuya. Namuhla, ngiphethe iTshimo Agribusiness and Projects efuya futhi idayise izinkukhu eziphilayo nezichuthiwe, amaqanda, izimbuzi futhi kunezinkukhu zesiNtu,” kusho uNksz uLeburu.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/08/intokazi-yomsuthu-yenza-izinto-zokugcoba-ngobisi-lwembuzi/

Uthi ukuqala nokuphatha ibhizinisi lokufuya bekungelula. Uthi izinkinga zokucishwa kukagesi ezweni zimlahlekisele kakhulu. “Sidinga nokusizwa okuthe xaxa ukuze sikhule,” kwengeza yena.

Ngaphezu kwalezi zinselelo, usagxile esifisweni sakhe. Eminyakeni emihlanu ezayo uzibona ekhulisa izinkukhu zenyama azozidayisela izimakethe ezihlukene. Ufisa nokugcina eseqashe abantu abawu-50. 

Kukhulu afisa ukukuzuza kule ndima. Uthi: “Kungaphezu kokuba umlimi. Ngifisa ukukhulisa umnotho futhi ngigqugquzele nabanye abantu.”

UNksz uLeburu uthi ukuqeqesha nokukhulisa abafuyi abasafufusa ngenye yezinto azenzayo. Useke wacija abalimi baseLimpopo ohlelweni olubafundisa ngokukhulisa izimbuzi ngenhloso yokuzidayisa kanti uthi ufisa ukuqhubeka nalolo hlelo. 

“Sifisa ukufundisa abantu ngokukhulisa izinkukhu zizezibesezingeni lokuhlatshwa nokukhulisa amachwane. Ukwabelana ngolwazi kuyingxenye yokukhula,” kusho yena.

UNksz uLeburu nelinye lamaqhude awafuyile 

Uthi ebhizinisi lakhe usebenza nabantu bakubo nethimba elincane elenza umsebenzi wansuku zonke. Uyaziqhenya ngokuthi sebehambe ibanga elide futhi uyazi ukuthi uhambo luzoqhubeka

Iseluleko sakhe kofisa ukuqala ibhizinisi sithi: “Ukuphatha ibhizinisi akuwona umdlalo. Ukuzinikela yikona okumqoka. Ngisho noma kubukeka sengathi ngeke kwenzeke, kuzokwenzeka, qhubeka uphokophele phambili. Tshala ebhizinisini kuqala ngaphambi kokuzibona usuphumelele,” kucebisa uNksz uLeburu.

  • Facebook: Tshimo Agribusiness and Projects/Neo Leburu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page