Ivulwe kabusha iHazelmere Dam ebinetshwa

INTATHELI YOMBELE

UNGQONGQOSHE weManzi nenHlanzeko uNks uPemmy Majodina, uvule ngokusemthethweni 

idamu iHazelmere Dam ebelilungiswa. 

Ukuvulwa kwaleli damu, mhlaka-25 Okthoba, kuza ngemuva kokuthi umnyango uphothule uhlelo lokwenyusa udonga lwaleli damu ngamamitha ayisikhombisa ukwandisa umthamo wokugcina amanzi ngenhloso yokuhlinzeka kangcono amanzi ezindaweni okubalwa kuzona iVerulam, iGroutville, iBlythedale neBallito.

UNks uMajodina uthe ugu olusenyakatho lukhule ngesivinini esikhulu eminyakeni

edlule, ikakhulukazi isibalo semizi, okuholele ekukhuleni kwesidingo samanzi aphuzwayo.

“UmNyango waManzi unwebe udonga lweHazelmere Dam ukuze kubhekwane nesidingo sokwanda kwabantu ogwini olusenyakatho njengoba kuwumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukutholakala kwamanzi anele. 

“Abantu abathintekayo sekufanele kube yibona abazofingqa imikhono, baqinisekise ukuthi amanzi ayafinyelela ezindlini,” kusho yena.

Kulo msebenzi bekukhona ukukhuphula udonga lwedamu lusuka ku-86 metre kuya kwawu93m. Loku bekuhlanganisa ukwakhiwa kwePiano Key Weir (i-PKW) esakhiweni sedamu ebesivele sikhona, ukufaka izinsika eziwu-83, isisekelo neminye imisebenzi.

UNks uMajodina uthe iHazelmere Dam iyingxenye yamadamu akuleli zwe asezingeni eliphezulu. “I-Hazelmere Dam manje isizokwazi ukuqhathaniswa nezakhiwo ezisemazingeni omhlaba ngenxa yendlela eyakhiwe ngayo, okufaka nobuchwepheshe obusetshenzisiwe,” kusho yena.

Leli damu linemigudu yokuhamba amanzi yohlobo lwe-PKW eyenzelwe ukuqinisekisa ukuthi udonga lwedamu lukwazi ukumelana nezikhukhula ezinamandla kuze kuphele amahora

aphakathi kwayisithupha nayisishiyagalombili.

Obunye bobuchwepheshe obusetshenzisiwe bufaka i-PKW ephakeme kunawo wonke emhlabeni jikelele, izinsika ezinkulu kunazo zonke emhlabeni ukuze kuqinisekiswe ukuqina kwesakhiwo sodonga esiwukhonkolo, ojeke abakhulu kunabo bonke abasetshenziswe ngesikhathi kusakhiwa, ubuchwepheshe bokugcina imininingwane obusiza ukuqapha ukusebenza kwezinsika, nobuchwepheshe bokubheka imifantu ezakhiweni obubizwa nge-3D digital crack meter.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page