Umsunguli weDepot Fare Restaurant yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, uNkk uSamkelisiwe Myeni uthi unesifiso sokuthi indawo yakhe yokudlela igcine isiyi-franchise. Izithombe: Zithunyelwe

Uletha ukudla kwasesilungwini elokishini ngendawo enesitayela

WUTHOBILE ZWANE

ULETHELA abantu izibiliboco zokudla okutholakala ezindaweni zasesilungwini wazifaka ntshi elokishini ngokuvula indawo yokudla engaphandle kwedepho yamabhasi yaseMlaza, eningizimu yeTheku, KwaZulu-Natali.  

UNkk uSamkelisiwe Myeni, umsunguli weDepot Fare Restaurant, indawo yokudla eyakhiwe ngesitayela sezakhiwo zesimanje ekwaR, wayiqala ngo-2019 emjondolo omncane lapho aqala khona kancane ezibambele eyedwa edayisela amakhasimende amane kuya kwayisihlanu.

“Ngangihamba nemali engekho kodwa loko akungilahlisanga ithemba. Ngavuka ngazitshela ukuthi angizinikele kuleli bhizinisi libe yile nto engifisa ukuba yilona. Ngaqala ngakha kwaze kwafika kuleli zinga engikulona manje. Abantu bayasibona futhi bayasiseka. Kwaba yinto yaphezulu, uma ngibuka la engiphuma khona,” kukhumbula yena.

Uthi ngokuhamba isikhathi wathola umuntu omqobelayo nomsiza ngokwenza amasaladi nokunye kodwa manje useqashe abantu abawu-12, abayitoho abangena ngempelasonto ababili.

“Sidayisa kusukela kwisidlo sasekuseni kuya kwisidlo sasemini nama-brunch, okuwufishi nama-chips ama-burger kusukela ngo-8:30 ekuseni kuya ku-7:00 ntambama,” kusho uNkk uMyeni.

Isidlo sasekuseni esingqangqayo ngenye yezinto iDepot Fare egabe ngazo

Uthi ibhizinisi lakhe lihluke kakhulu kwamanye ngoba akenzi into eyodwa, njengoba iningi lamabhizinisi aphekayo epheka into eyodwa, bona bapheka izinto ezihlukene.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/05/20/ugqugquzelwe-wuthando-lwezinkukhu-ukuthi-avule-indawo-yokudlela-edayisa-inkukhu-nekhula-ngamandla-uxoxe-notebogo-mokwena/

“Sinesitshulu se-oxtail, i-mutton curry, i-mutton bunny into eyivelakancane elokishini futhi amanani ethu abiza kahle. Senzela kona ukuthi abantu bangaphumi elokishini baye koMhlanga nakoFlorida. Ngenza isiqiniseko sokuthi ngakha into elokishini ezojabulisa abantu, bakwazi ukuthi uma beyodla kule ndawo uyakwazi ukunakwa njengasendaweni yokudla ejwayelekile,” kusho uNkk uMyeni.

Umlingisi neciko uMnu uSandile Dlamini ephahlwe yizisebenzi zaseDepot Fare ezozitika ngama-platter akhona

Uthi uphokophele ukukhulisa ibhizinisi litholakale nakwezinye izigceme, anciphise abantu abahamba besuka ezindaweni ezikude futhi ufisa laziwe, okuzokwandisa amakhasimende.

“Ngifisa ukuthi nami ngibalwe nezindawo zokudla ezihamba phambili, hhayi kuphela elokishini kodwa ezingeni lomhlaba ngibe nama-franchise,” kusho yena.

Uthi akazange akufundela ukubawumpheki kodwa ngesikhathi ehleli ekhaya emva kokuyeka lapho ayewumabhalane khona wabona ukuthi uma usunebhizinisi eceleni ubona imali ingena uzizwa sengathi uchitha isikhathi ehhovisi ujika nezihlalo, wabona ukuthi akahambe ayozizamela.

“Isinqumo engasithatha angizisoli ngaso ngoba kungifikise la engikhona manje futhi kungaphezu kwebengikulindele,” kusho yena. 

Kwabafisa ukuqala ibhizinisi, uthi kuhle ukuqala kancane nokungalilahli ithemba. “Kufanele uzethembe futhi ukholelwe entweni oyizamayo ukuze kuzokunciphisa amathuba okuthi wenze okunye ukwenze kanyekanye. Gxila entweni eyodwa; kuzogcina kulungile ekugcineni,” kucebisa uNkk uMyeni.

  • Facebook: DEPOT FARE Restaurant 
  • Instagram: @DEPOT FARE Restaurant

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page