Ugabe ngebhizinisi lemicimbi eli’bhekile’
WUTHOBILE ZWANE
UNEKHONO lokuqhakazisa imicimbi ayibeke ezingeni eliphezulu onebhizinisi lokuhlobisa imicimbi elihlukile.
Umsunguli weWoke Queen Events, uNkk uThabile Ndima waKwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali, uthi kwamsiza ukuqala afunde, enze ucwaningo ngebhizinisi ngaphambi kokulisungula.
Uthi wagqugquzelwa wuthando alithola esemncane lokwenza imicimbi yezingane mahhala neyabantu abalungiselela ukuthola izingane, ama-baby shower, ayebiza uR300.
“Ngiwumuntu wabantu, kangangokuthi abantu babeyingxenye yento engiyenzayo, umphakathi wangikhuthaza ukwandisa imisebenzi yami engiyikhonzile. Ulwazi lwami lwemfundo ephakeme lwangisiza ukwazi usikompilo kangcono. Uma nginabantu ngisebenza nabo emicimbini ngikuqonda kangcono okuthinta usikompilo nokwazi ukuhlela izinto,” kusho yena.
Uthi isinyathelo sakhe sokuqala kwaba wukwenza ucwaningo nokufunda ngaphambi kokubhalisa inkampani yakhe ngokusemthethweni.
“Ngangifuna ukuhluka futhi ngiveze ubumina ebhizinisini lami. Kungisebenzela loko njengoba sineminyaka emihlanu manje kuleli bhizinisi.”
Uneziqu i-Choreomundus Master’s kwi-Dance Knowledge, Heritage and Practice, i-Honours kwi Applied-Merit kwaseRoehampton University eLondon, i-Ethnomusicology (cum laude), i-BA Music in Drama Performance Studies kwase-University of KwaZulu-Natali, i-Project Management yase-UniSchool, i-Master’s kwi-Anthropology Management yase–University of Roehampton eLondon.
UNkk Ndima uthi akubangalula ukuqala ibhizinisi njengoba kube nezinselelo eziningi abhekane nazo.
I-Woke Queen Events iqhakaza umcimbi ube nje
“Inkinga esasibhekene nayo ebhizinisi lethu yizimoto zokuthutha izimpahla ukuhambisa izinto zethu zomcimbi kodwa ngomusa kaNkulunkulu sagcina sesithenge izimoto ezimbili zenkampani futhi sihlele ukwengeza ezinye.
“Ngaqala kungelula ngisebenzisa engangikuthola ngisebenzisa noma iyiphi imali enganginayo, ngazikhangisa ezinkundleni zokuxhumana, ngatshela abantu ngebhizinisi lami futhi ngangenza isiqiniseko sokuthi umcimbi uyehluka kunomunye.
“Iqiniso nje lithi okwamanje ngisesigabeni sokwakha ibhizinisi futhi inzuzo yami iya ebhizinisini. Kufana nokuthi ngiyayitshala ngokuthenga izinsizakusebenza ezingajwayelekile,” kusho yena.
Imali abayingenisayo iyakhula njengoba manje iphakathi kukaR2.5 million noR3m ngonyaka.
Uthi enye into emsizile ebhizinisini wukubanobudlelwano obuhle namakhasimende akhe. Uyaqhubeka azicije ngokuhambela izigcawu zokucobelela ulwazi lapho kuqeqesha khona osomabhizinisi abanamava.
“Muva nje bengiye kwenye indawo eGoli lapho ngifike ngafunda khona ngokwenza amakhandlela. Loko kunciphisa izindleko zokuthenga amakhandlela ngokuthi siwenze sisebenzisa amakhono nobuciko, kuye nemibala nendlela ikhandlela elizobukeka ngayo. Asilandeli okusuke kusesitayeleni ngaleso sikhathi, senza okusenza sihluke nakwezinye izinkampani zemicimbi,” kusho uNkk uNdima.
Okwamanje uthi baqashe abantu abawu-38 futhi benza imicimbi emithathu ngosuku.
Uthi babamatasa unyaka wonke ngoba banamakhasimende athembekile.
Uthi esikhathini esiningi ngezinyanga ezithile njengo-Ephreli, uSepthemba noDisemba ezibanezimpelasonto ezinde namaholidi kuba matasa kakhulu kanti kufanele ubenomdlandla omningi.
“Izifiso zami ngeWoke Queen Event wukuthi sibenendawo yethu enkulu nezimoto ezinhlanu, sibe nendawo yethu lapho abantu bezoshadela khona, senze futhi sidayise nezinto zokuhlobisa sidayisele abanye abahleli bemicimbi.”
Eluleka abafisa ukuba ngosomabhizinisi, uthe kuhle ukuqala kancane nokuba nohlelo lweminyaka emihlanu ozosebenzela phezu kwalo.
Uthe kuhle futhi ukubambisana nabanye osomabhizinisi, ungababuki njengabantu oncintisana nabo.
- Facebook: Woke Queen Events