Wenza impilo ibelula kwabanqena ukuwasha amateki
WUTHOBILE ZWANE
UKUBONA izinkinga ezibhekene nabantu ngokuhlanza amateki abo kwenza insizwa yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yasungula ibhizinisi elibathula umthwalo emahlombe. Babodwa abanqena ukuwasha amateki, abanye bavika ukuntshontshelwa amateki anekiwe.
UMnu uThuso Motlomelo waqala iSuper Clean Tekkie Wash ngo-2021 ngoR350 ukuxazulula lezi zinkinga zabantu. Uthi umqondo webhizinisi wavela ngenkathi ebona ukuthi unothando lokubawusomabhizinisi ngenkathi enza unyaka wesibili enyuvesi.
Kule nkampani eseMayville naseCato Manor, eThekwini, ihlinzeka ngosizo olufana nokuhlanza amateki, bawabuyisele esimweni balungisa izicathulo nezikhwama zesikhumba, bahlanze osofa nokunye.
“Sathatha lelo thuba thina, sabona ukuthi asenze imali ngalo leli thuba kusukela ngo-2021 kuze kube yinamhlanje,” kusho leli bhungu eline-Diploma in Taxation yaseDurban University of Technology.
Uthi ucwaningo lumqoka empumelelweni yebhizinisi. “Kufanele wenze ucwaningo njalo uma ufuna ukusebenza into entsha, asithi nje indwangu ehlukile esicathulweni, kufanele wenze ucwaningo ukuze wazi uzosinakekela kanjani,” kweluleka uMotlomelo.
Uthi beqala babethenga izinsipho ezijwayelekile, kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi wabona ukuthi lezo zinsipho zilunge kwezinye izinto yiziphi ezilungele izicathulo. Manje sebeyazihlanganisela izinto abazisebenzisayo.
“Amakhemikhali okuwasha siyazenzela. Sithenga imikhiqizo yokuzenza ukuze sikwazi ukuzenzela nokudayisele abantu abathenga kithina,” kusho yena.
Ukuwasha ipheya lamateki kuqala kuR60 kuya kuR150. Ngenyanga aphakathi kwawu-100 no-150 amateki abawawashayo. Inkampani yenza kusukela kuR15 000 kuya kuR20 000 uma kumatasa.
Amateki athintwe yisandla seSuper Clean Tekkie asala emhlophe okweqhwa
Uthi sebeqashe izisebenzi ezintathu futhi banamagatsha amabili futhi inkampani yabo
Njengawo wonke amabhizinisi anezinselelo zawo, uthi njengoba beyimboni entsha akukho lapho bangathola khona inkampani abazothenga kuyo imikhiqizo egxile ezicathulweni.
Uthe iseluleko angasinika umuntu ofisa ukuqala ibhizinisi wukuthi ungalindeli muntu ukuthi akholelwe kuwena, wena kholelwa kuwena kuqala. “Ungalindeli abantu ukuthi bakuseke, uzosekwa wumuntu ongamazi. Ungalindeli ukuthi abangani bakho noma umndeni bazokweseka. Qala ngonakho. Ungalindeli ukuthi uzoqala uma usunento enkulu,” kucebisa uMotlomelo.
- Facebook: Super clean tekkie wash
- Instagram: @Superclean4us