I-TIKZN isinomphathi omusha
YINTATHELI YOMBELE
I-TRADE & Investment KwaZulu-Natal (iTIKZN) isiqoke uMnu uSihle Ngcamu abeyisikhulu esiphezulu esisha. Ubesebe yibamba kulesi sikhundla kusukela ngo-Okthoba wangonyaka odlule.
UNgcamu ufike eTIKZN ngo-2016 eyisikhulu esigqugquzela ukutshala imali, lapho ebambe iqhaza elikhulu khona ukuheha abatshalimali nokuthi amabhizinisi aqhubeke asebenzele kulesi sifundazwe.
Uneminyaka engaphezu kwewu-30 enza imisebenzi ehlukene embonini ezimele nohulumeni njengoba eke waphatha izikhundla eRichards Bay Industrial Development Zone naseBHP Billiton.
UMnu uKhanyisani Shandu, usihlalo obambile weBhodi yeTIKZN, uthi ubuholi bukaNgcamu buzokwenza iTIKZN ifeze injongo yayo yokukhuthaza ukuhwebelana nokuheha abatshalimali esifundazweni.
“IBhodi inethemba lokuthi njengoba sekuphethe uMnu uNgcamu, iTIKZN izowenza kakhulu umsebenzi wayo wokuba ngabanye babantu abamqoka ukuletha amathuba omnotho esifundazweni,” kusho yena.
Ezinye zeziqu uNgcamu anazo yi-Master’s in Law yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali ne-Master’s in Environmental Management yaseNyuvesi yaseZululand.