Usihlalo omusha weShell South Africa uMnu u-Aluwani Museisi uxoxe noMbele ngezinhlelo zakhe kulo msebenzi wakhe omusha. Isithombe: Sithunyelwe

Uqhakambisa igalelo lomndeni othathe amatomu eShell South Africa

WUSLINDILE KHANYILE 

UKUKHULELA emndenini owazisa imfundo, ubaba owayephekana ngemibuzo nokuba nosisi omdala abukela kuye kube nesandla ekutheni akhuthalele imfundo esimvulele iminyango eminingi empilweni. 

UMnu u-Aluwani Museisi, usihlalo omusha weShell eNingizimu Afrika noqale kulesi sikhundla kulo nyaka, uthi uma ebheka lapho eqhamuka khona nezinto asezenzile yizinto empeleni ayengeke acabange ukuthi angazizuza. 

UMuseisi, oneminyaka ewu-40, wafika kule nkampani kawoyela ezoba wumqondisi we-corporate relations ngo-2022 kodwa kuthe ngaphezudlwana konyaka eqalile kulesi sikhundla wanikwa ithuba lokuphatha inkampani yonke eNingizimu Afrika.

“Kade ngangithola amathuba amahle futhi ngihlale ngiphokophela ukuthola imiphumela emihle. Kusho lukhulu ukunikwa ithuba elifana naleli ngoba angikaze ngicabange ukuthi ngingafinyelela kuleli zinga kodwa kuya nokuthi ulisebenzisa kanjani. Ngiyathakasa ngoba ngiqhamuka emajukujukwini kanti ngabe ngiqamba amanga uma ngingathi ebuncaneni bami ngake ngacabanga ukuthi ngingafinyelela lapha,” kukhumbula yena.

Uthe wamangala ngesikhathi kuhamba usihlalo omdala uMnu uHloniphizwe Mtolo https://www.umbele.co.za/2021/01/11/wafundela-umkhakha-wesayensi-kodwa-wagcina-esebenza-kwi-retail-kanti-kumanje-uphethe-enye-yezinkampani-ezinkulu-zikawoyela-eningizimu-afrika-usihlalo-weshell-sa-ulandise-uslindile-khanyile-ngohambo-l/ inkampani imcela ukuthi athathe izintambo ikakhulukazi ngoba wayengenaso isikhathi esitheni efikile. 

Uthe okwenze kwaba lula ukuwuthatha umsebenzi wukuthi ubevele esezinikele enkampanini kodwa kwakudingeka abheke ukuthi kungabe lo msebenzi uzoyishintsha kanjani impilo nesikhathi somndeni wakhe. 

“Okunye-ke wukubheka nomsebenzi wona uqobo ukuthi uthini ubheke ukuthi ungakwazi yini ukuwenza. I-Shell yinkampani endala futhi enomlando eNingizimu Afrika, ngakho kwakumele ngixoxe nomndeni wami nabantu abangicathulisayo. 

“Uma uwumholi, indaba ingabantu, izinhlaka enisebenzisana nazo, osomabhizinisi abancane esisebenzisana nabo, amanye ala mabhizinisi awemindeni kodwa okunye okubalulekile ezempilo nezokuphepha, kunabantu abahambisa imikhiqizo yethu okufanele baphephe emigwaqweni futhi kufanele sigade nokuthi imikhiqizo yethu ayichitheki ilimaze imvelo; wumsebenzi omkhulu.” 

UMuseisi wakhulela eMasethe, eLimpopo, lapho efunde khona yena nezingane zakubo ezine. Bakhuliswe ngabazali bobabili, athi babezikhandla ngendlela emangalisayo futhi wafunda kubona ukukhuthala. Uthi izikole ababefunda kuzona kwakungezona izikole ezazikhuthazana into etheni kodwa yena wayeqhamuka emndenini oyazisayo imfundo.

“Ukukwenzela isibonelo, ngesikhathi ngifunda uMatikuletsheni sasibane kuphela esathola u-exemption (osubizwa nge-bachelor’s) futhi yimina kuphela engangingawuphindi. Abantu abaphasa babengaphansi kuka-10%. 

“Emphakathini nje imfundo yayingabalulekile kangangokuthi abantu abaningi babengaphindeli esikoleni emva kwekhefu lasemini. Kwakunehlaya ababelisho bethi abasebenzi isikhathi esengeziwe bona. Kepha mina nganginenhlanhla yokuba nabazali ababeyazisa imfundo futhi usisi wami omdala wayesesiqedile isikole, esesenyuvesi. Ubaba wayeyibhekisisa imiphumela yethu, aqhathanise neminyaka edlule, kuthi uma wehlile, akubuze ukuthi kwenzekeni kanti kwakufanele uphendule,” kukhumbula uMuseisi.

Kubo babenespaza, okwakusho ukuthi kufanele ukuthi uma ephuma esikoleni ayosebenza esitolo kanti uma eke wenza njengezinye izingane wagijimela ukuyodlala, wayethethiswa ngoba uyise wayengasiboni isidingo sokudlala.

UMuseisi uthi okunye akufunda kusisi wakhe wukubaluleka kokunakekelana njengomndeni njengoba ethi wuyena owamkhokhela enyuvesi futhi wabatshela ukuthi kufanele basizane kanjalo. Yena wakhokhela omlamayo, yena waqhuba kanjalo baze bathola iziqu zasenyuvesi bonke. 

Une-Bachelor of Economics yase-University of Venda ne-MBA yaseRegenesys. Uthi izinto eziseqhulwini emsebenzini wakhe wukuqikelela ukuthi inkampani iyaqhubeka nokwenza umsebenzi ngendlela efanele, ikakhulukazi ngoba basebenza emnothweni ongakhuli kanti ukuncintisana kukhulu. 

“Ezempilo nokuphepha zimqoka. Sizimisele ukuthi sigcine sifinyelela lapho kungekho muntu olimalayo futhi ofayo ngenxa yomsebenzi wethu,” kusho yena ngenjongo yabo.  

Uthi enye inselelo ababhekene nayo ngeyokuthi basembonini ethintwa kakhulu ngezinye izinto ezenzeka emhlabeni njengamandla erandi uma liqhathaniswa nedola, izimpi ezifana neyeRussia ne-Ukraine nokuthi uma umnotho ungakhuli kusho ukuthi bambalwa abantu abakwazi ukuthenga izimoto ezintsha.

Ngo-2023 le mboni ilahlekelwe wuR18 billion ngenxa yokuthi kunenani abalikhokhisa amakhasimende abangakwazi ukweqa kulona, okusho ukuthi yizindleko ezigcina zithwala yibo, phecelezi i-slate underrecovery.

Enye yezinto eziwundabuzekwayo yindaba yokunciphisa ukusebenzisa uwoyela ofana nokhiqizwa yizinkampani ezinjengeShell njengoba kukhuthazwa ukuthi kusetshenziswe ongayingcolisi imvelo nokuthi kugcine kusetshenziswe izimoto ezihamba ngogesi.

UMuseisi uthi kumqoka loko kodwa ugcizelele ukuthi ngeke iNingizimu Afrika ishintshele emikhiqizweni evuselelwayo ngokushesha ngoba wuhlelo okufanele lwenziwe ngendlela ebheka umnotho futhi kubhalansiswe izinto, kungabi bikho okuzokwenziwa ngamawala.

Usebenze iminyaka emNyangweni wezangaPhandle, lapho ethole khona nethuba lokuyomela iNingizimu Afrika nakwamanye amazwe. 

Uthi ukuhlangana nabantu abahlukene, ukufunda ngamasiko nendlela yokuphila yabanye abantu ngezinye zezinto ezimkhulisile emsebenzini. 

Okunye ngaye: 

  • Wake wasebenza eJohnson & Johnson 
  • Uma engasebenzi uphumula ngokuhlala nomndeni wakhe, ukufunda nokushova ibhayisikili; 
  • Ukhonze inyama namaveji;
  • Uwumlandeli we-Orlando Pirates neManchester United; 
  • Ulalela wonke umculo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page