Intokazi yomSuthu yenza izinto zokugcoba ngobisi lwembuzi
WUTHOBILE ZWANE
OWESIFAZNE owabanentshisekelo yokufunda kabanzi ngobisi lwembuzi ugcine esungule ibhizinisi lemikhiqizo ehlukene ngobisi lwembuzi, iBokamosso Dairy Goats Farm.
UNksz uMaretsepile ”Malipoli” Kopo uthi kwaqala ngokuthi azithole esemhlanganweni wabalimi abanesifiso sokufuya izimbuzi zobisi ngoJulayi wango-2019. Namuhla inkampani yakhe isebenzisa ubisi lwembuzi ukukhiqiza ushizi, i-yoghurt, insipho nesigcobo somzimba.
“Ngiyakhumbula kubantu ababekulo mhlangano kwakukhona abesilisa abawu-20 nabesifazane ababili. Ngagoduka ngayofunda kabanzi ngalo mkhakha. Seloku ngabambelela kuwo kusukela ngaleso sikhathi. Ngaya eNorthern Cape ngiyothenga isitoko sokuqala.
“Lolu hambo lwami lwakhulisa uthando lwami njengoba ngahlangana nowesifazane onepulazi wangitshela ukuthi akumele uze ubeneziqu noma ubewumuntu osephumelele empilweni ukuze wenze lo msebenzi kodwa kufanele ngizihlelele mina indlela yokugcina imfuyo yami,” kukhumbula yena.
Uthi ngemva komhlangano wabona ukuthi asebeqalile ukusebenza abakafinyeleli kuhhafu wezinto ezidingekayo. Uthi wafunda ngendlela yokufaka ubisi emabhodleleni, aqoqwa kanjani nokuthi ubisi lunambitheka kanjani emlonyeni, wabona ithuba walisebenzisa.
UNksz uKopo ukhulele eRoma, eLesotho, kanti uthi ukufuya yinto akhule ngayo. “Ngikhule ngiwumuntu ongacabanga nje ngaloku nokuthi kungangithatha kungibeke lapha esengikhona namhlanje. Yonke le minyaka sisebenza epulazini noma engadini kwakuyimpilo yethu, angizikhumbuli ngiyithanda noma ngiyizonda. Ngikhumbula indlela umalume ayepheka ngayo umbila, ahambe eyowudayisa ebhasini. Ngibonga kakhulu ngalelo thuba ngoba angikaze ngilale ngingadlile ngoba umndeni wami wawutshala,” kukhumbula yena.

Ubisi lwembuzi lweBokamoso Dairy Farm and Products
I-Bokamoso Dairy Farm and Products iseNaledi naseBerea, eLesotho. Uthi baqala ngensipho ngoba kwakulula ukwenza ngamafutha futhi namafutha ayetholakala endaweni.
Nakuba eluthakasela uhambo lwakhe lokubawusomabhizinisi, nokho uthi kunezinselelo zakho. “Ukuphatha izisebenzi kubayingcindezi kona ngoba zikholwa wukuthi njengoba ngiwumuntu wesifazane anginalwazi olwenele ngemfuyo, zingaqondi ukuthi loku kwehlukile ekufuyeni okujwayelekile nendlela yokunakekela imfuyo. Uzwe abantu bethi imbuzi idla noma yini kodwa imbuzi iwuhlobo lwesilwane esikhethayo ukuthi sidlani ngoba uma udlisa imbuzi into engadingwa wumzimba wayo, ayidli nhlobo futhi nje ayikunaki loko kudla kufane nokuthi usumoshe imali wathenga into ezingayidli,” kusho uNksz uKopo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/12/ucwaningo-azithela-kulona-lwamenza-wangena-ekufuyeni-izimbuzi-eziyivelakancane/
Uthi ukutshala kumnandi kakhulu, ngesinye isikhathi ulahlekelwa okuthile kodwa futhi uphinde ukuthole.
Uthi uyayithanda isizini yokutshala. Uthi: “Ngithanda izinkathi ezihlukene zokulima. Ukuzalisa, ukumithisa, ukuncelisa, ukusenga. Zonke ziyeza futhi minyaka yonke sifunda okuthile okusha. Ziyamangaza impela. Futhi izinselelo azifani. Izinselelo zenza izibusiso uma sizibona zidlula. Ngiqeqeshe abalimi abambalwa abaqale lolu hambo kanti loko kulwenza lubemnandi kakhulu njengoba sihambisana. Kuyisibusiso ukubona umbono wami noguquko,” kusho uNksz uKopo.
Ukudayisa umkhiqizo wakhe ezitolo ezinkulu akuyona into ayiphokophele. Akufisayo wukuthi umphakathi usizakale nokuthi abantu baqonde okuhle ngobisi lwembuzi.
“Ubisi lwembuzi alutholakali kalula, yingakho abantu belujabulela kangaka uma belibona ebhodleleni esitolo. Abanye nje baluthenga ngoba bengakholwa wukuthi yilona befuna ukulibona, bavele baluthande bangabe besayeka ukuluthenga,” kusho uNksz uKopo.
Uthi into aseyifundile ebhizinisini wukuthi kubalulekile ukubekezela kuko konke akwenzayo ngoba uma ungenasineke uyakhathala endleleni uyeke into obukade uyithanda.
Uthi okwamanje bafuna umhlaba njengoba befuna ukukhula kulo mkhakha. “Ukuze sikhule silindele ukuqala sikhulise imfuyo ukuze sidayise ngo-2025. Yingakho sidinga indawo ethi enkulu ezokwazi ukugcina imfuyo yethu yonke.
“Sifuna nendawo lapho kuzosengelwa khona ubisi ngoba sifuna ukwenza ushizi. Sidinga umhlaba ngoba sifisa ukutshala uhlobo oluthile lokudla ukuze imfuyo yethu izothola ukudla okwanele futhi siqashe abantu sandise amathuba omsebenzi,” kusho yena.
- Facebook: Malipoli Maretsepile Kopo
- Instagram: @meandtheteam