Ufisa abantu abangezwa bazizwe besekhaya kwezolimo
WUTHOBILE ZWANE
UMLIMI wesifazane uthi ukuba wusomabhizinisi kunezinselelo eziningi kodwa lobo bunzima buphindaphindiwe uma unokukhubazeka njengoba yena enenkinga yokungezwa.
UNksz uVictoria Matebogo, umsunguli weVoiceout Deaf, elima amaveji uthi ukungezwa akumenzanga wadikibala ngenxa yezinselelo. Ibhizinisi lakhe ngelabantu besifazane abamnyama baseMohlakeng, eWest Rand, eGauteng.
Le nkampani egxile ekutshaleni amaveji futhi ihlinzeke ngosizo lokhuthuthukisa amabhizinisi nokuqeqesha abantu abangezwa ezindlebeni ineminyaka eyisishiyagalombili yasungulwa.
UNksz uMatebogo uthi amaveji abo adayiselwa umphakathi ngqo kanti akhona nasePick n Pay, eSpar nakwezinye izitolo zaseMohlakeng.
“Ukuba ngowesifazane omnyama kwenza izinto zibenzima kakhulu ngoba izinselelo zami zokungakwazi ukuziveza. Umphakathi uhlale ubona umphakathi wabantu abanenkinga yokungezwa njengabantu abakhubazekile futhi abangakwazi ukuzenzela izinto,” kusho yena.
UNksz uMatebogo uthi washiya umsebenzi eStandard Bank, waqala Ibhizinisi elizofukula abantu abangezwa.
Ngokwezibalo zeDeaf Federation of SA bawu-70% abantu abangezwa abangasebenzi kanti iVoiceout Deaf izama ukuphungula lesi sibalo. Iqashe abantu abangu-41 kubalwa nezisebenzi ezingezwa eziyisishiyagalolunye.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/03/16/unebhizinisi-elinakakela-abaphila-nokukhubazeka-uxoxe-notebogo-mokwena/
“Iningi labantu abanenkinga yokuzwa banikwa imisebenzi elula lapho bengaxhumani namakhasimende aqondile noma (bathole) izikhundla zokuphatha. Ngabona lapho ukuthi ngithathe isinqumo sokusungula ibhizinisi lami ukuze ngiqashe abantu abangezwa futhi ngenze indawo lapho bezizwa besekhaya futhi baveze amakhono abo,” kusho uNksz Matebogo.
I-Voiceout Deaf yayiyingxenye yohlelo i-Agri-park olwaqalwa wumNyango wezoLimo eGauteng ngaphambi kokuguqulwa ibeyinkampani ezimele ngo-2017.
Utamatisi wekhethelo weVoiceout Deaf usulungele imakethe
“Ngo-2020, ibhizinisi lathola usizo lwemali esikhwameni i-COVID-19 Relief Fund. Lakwazi ukuqasha izisebenzi eziningi, laheha amakhasimende amaningi futhi lathuthukisa amandla alo.
“Ukusekwa kusenze saqala ukusebenza kahle, kwazise ezolimo yibhizinisi elihambisana nesizini ethile. Abasebenzi babekwazi ukufika ngesikhathi bazosebenza futhi benezinsizakusebenza ezanele,” kusho yena.
Ukwenza kahle kukaNksz uMatebogo kumholele ekuwineni izindondo kuhulumeni waseGauteng nasemNyangweni wezoLimo ezweni.
Isifiso sakhe wukugcina enepulazi lakhe ukuze umsebenzi uzoqhubeka ukhule ngoba leli abalisebenzisayo baliqashile.
- Facebook: VoiceOut_Deaf