Intokazi yezipanela igabe ngobunono ‘emsebenzini wamadoda’
WUTHOBILE ZWANE
UKUBONA abantu bewujabulela umsebenzi wakhe kwamnika umdlandla wokuqala ibhizinisi lokukhanda nokufaka amapayipi, i-plumbing.
UNksz Philisiwe Buleni waseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, uwumsunguli weMaSgwazi Projects, inkampani efaka amapayipi, ixhume ompompi, ilungise amapayipi, ixhume ama-gyser nokunye, ifaka osinki, izisefo, obhavu, amathoyilethi, ixhume amapayipi futhi iwabheke.
UNksz uBuleni, ono-N6 we-Civil Engineering: Plumbing yaseCoastal KZN TVET College, waqala ngemisebenzi emincane eceleni, njengokuthi uma kukhona umuntu odinga usizo nge-plumbing ahambe ayomenzela, bancome abantu.
UNksz uBuleni uthi waqeqeshwa enkampanini yezitimela iPrasa eyithwasa kwaze kwaba ngu-2019 ngaphambi kokuyoqeqeshwa wuMasipala waseThekwini, lapho athi wathola khona amava amaningi alo msebenzi aseziphilisa ngawo.
“Ngaqala ngokuthi abantu ngibanike ama-invoice, ama-quotation anegama lenkampani, inombolo inkampani eyabhaliswa ngayo, nayo yonke into eqondile,” kusho yena.
“Ngiyakwazi ukulungisa uma kuwukuthi uphukile umpompi wakho, ngiyakwazi ukukuxhumela wonke amapayipi kwimitha ayongena yonke indawo. Asigcini nge-plumbing kuphela kodwa sifaka nama-tiles endlini ne-ceiling board,” kusho uNksz uBuleni.
Uthi ibhizinisi lakhe lihluke ngokuthi linenhlanzeko kakhulu. Uthi abantu abaningi abenza lo msebenzi kwaziwa ukuthi bashiya kumanaphanapha uma sebeqede ukusebenza kodwa bona indlela abasebenza ngayo ishiya amakhasimende ekhexile.
“Umuntu engisuke ngimsebenzela ngimnika isikhathi sami sonke ngenze into ayifunayo nento azoyijabulela nesezingeni eliphezulu. Angigcini icala uma ngenza umsebenzi ngoba udinga isikhathi, ingqondo nokuzinikela,” kusho yena.
UNksz uBuleni uthi ukugilwa ngabantu uma sekufanele enze umsebenzi sekwamfundisa ukubiza imali yokuzobona umsebenzi endaweni yomuntu, phecelezi i-callout fee. Muzwa elanda:
“Umuntu ongikhuthaza kakhulu u-The Female Plumber waseZambia engimlandela kuFacebook. Ungowesifazane owenza lo msebenzi ezweni lakhe okujwayeleke ukuthi owabantu besilisa. Ngichazwa yindlela azimisela ngayo uma enza umsebenzi. Ngihlala ngihlale ngiyobheka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi wenzani osukwini lakhe.
“Omunye engimlandela kakhulu wuSthando Cele owaba ngomunye wesifazane ovelele owenza i-plumbing kwesinye sezibhedlela eSouth Coast, yibona bantu engifunda kubona futhi engikholelwa kubona,” kusho uNksz uBuleni. Muzwe elanda ngabantu abukela kubona.
Uthi ziningi izinselelo emsebenzini wabo, ikakhulukazi ngenxa yobulili bakhe njengoba ethi abanye abantu bavele bashintshe uma sebezwa ukuthi bakhuluma nomuntu wesifazane bangabe besaqhubeka ngoba bengamthembi.

UNksz uBaleni ezibambele mathupha elungisa usinki
“Vele emakhanda abantu abaningi lo msebenzi wenziwa ngabantu besilisa kodwa engikuthandayo mina emsebenzini wami ngiyawufaka ezinkundleni zokuxhumana kubonakale ukuthi bekuyimina obewenza ngingakaqali ngiphinde uma sengiwuqedile ngibatshengise abantu ukuthi ubuwenziwa yimina,” kusho yena ngeqholo.
Uthi mhlawumbe abanye abantu bazitshela ukuthi kuyalingiswa ezithombeni abazikhangisa ngazo kanti lutho. Uthi kwesinye isikhathi sisuke singekho nesikhathi sokushutha. Uthi kubalulekile ukuthatha izithombe ukuze kubenobufakazi bomsebenzi abawenzayo nokuwukhangisa.
Ngokwezinhlelo ngekusasa, uNksz uBuleni ufisa ukubona iMaSgwazi Projects idlondlobala igcine isiqashwa yizinkampani ezinkulu ezinjengezibhedlela, iminyango yohulumeni, izikole nemitapo yolwazi futhi igcine isisabalalele kwezinye izifundazwe.
Ufisa nokuqasha abantu abaningi ngokugcwele, abacije ukuthi bagcine sebesungule amabhizinisi abo.
- Facebook: MaSgwazi Projects Pty Ltd
- X: @PMasgwazi

