Usomnotho waseFNB uNksz uKoketso Mano uthi ziningi izinto okufanele zikhuthaze ibhange loMbuso ukuthi lehlise imalimboleko namhlanje. Isithombe: Sithunyelwe

Thokola themba ngokwehla kwemalimboleko!

WUSLINDILE KHANYILE

LINYUKE kakhulu ithemba ngokuthi iBhange loMbuso lizokwehlisa imalimboleko namhlanje njengoba ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali kufinyelele ku-4.4% ngo-Agasti, kusuka ku-4.6% ngoJulayi. 

Ngokusho kweStatistics South Africa (iStats SA), leli yilona zinga eliphansi lamanani ezimpahla kusuka ngo-Ephreli wango-2021 ngesikhathi nakhona ayemi ku-4.4%. 

“Amanani ezimpahla eziningi ehlile ikakhulukazi ezokuthutha, ezezindlu, izindawo zokudlela namahhotela. Nokho-ke, amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala kanjalo nakagwayi anyukile ngo-Agasti,” kusho iStats SA.  

Namhlanje iBhange loMbuso lizomemezela ukuthi sithini isinqumo salo mayelana nemalimboleko njengoba iMonetary Policy Committee izobe ihlangene. Leli bhange selinesikhathi lisho ukuthi liyoqala ukukhululeka nokucabanga ukwehlisa imalimboleko uma amanani esemi ku-4.5%, osekwenzekile.  

I-repo rate, inzalo iBhange loMbuso eliyikhokhisa amabhange iwu-8.25%, bese kuthi i-prime rate, inzalo amabhange ayikhokhisa abathengi imi ku-11.75%. 

Usomnotho waseFNB uNksz uKoketso Mano uthe babheke ukuthi amanani abengaphansi kuka-4.0% ngoSepthemba kanti nokuthi akukho mnyakazo otheni kufanele kulawule i-core inflation nokwehla kukaphethroli namanye amanani ezokuthutha. 

Uthe nokuqina kwerandi njengoba lisondela ku-R17.50 uma liqhathaniswa nedola, okuzokwehlisa amanani ezimpahla ezithengwa kwamanye amazwe, kuzoba nesandla. 

“Kanjalo nokuthi iBhange loMbuso laseMelika namhlanje (izolo) kulindeleke ukuthi linciphise imalimboleko, ithemba uma kubhekwa izinto ezenzeka kwipolitiki ngezinye zezinto ezenza libelikhulu ithemba lokuthi iBhange loMbuso linciphise imalimboleko,” kusho uNksz uMano. 

IBhange loMbuso laseMelika i-US Federal Reserve Board linciphise imalimboleko ngo-50-basis points, nokongokokuqala kusuka ngoMashi wango-2020. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/12/kuntwela-ezansi-ngesimo-somnotho-eningizimu-afrika-ingqapheli/

Ngo-Agasti, amanani kaphethroli aqhubekile nokwehla, obesekungokwesithathu izinyanga zilandelana. Uma kuqhathaniswa u-Agasti noJulayi ehle ngo-0.5% kanti uma kuqhathaniswa nonyaka odlule anciphe ngo-1.8%.

“Abanikazi bezimoto abasebenzisa uphethroli owu-95 ezindaweni ezimaphakathi nezwe bakhokhe imali engaphansi ngo-15c ilitha ngo-Agasti (uR23.11) okuqhathaniswa nangoJulayi (uR23.26). Kwenzeke okufanayo nakudizili njengoba amanani awo abewuR23.23 ngo-Agasti uma kuqhathaniswa noR23.35 ngoJulayi.  

Nokho-ke amanani neziphuzo ezingenatshwala enze okuhlukile njengoba ekhuphukele ku-4.7% ngo-Agasti, esuka ku-4.5% ngoJulayi. Bese kuphele izinyanga eziyisishiyagalombili ehla.  
Ukudla okuningi kukhuphukile okubalwa isinkwa, i-cereal, inyama, ufishi, ubisi, amaqanda, ushizi, amafutha namaveji. Amanani okwehlile yizithelo, ushukela, oncamnce neziphuzo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page