UMasipala waseThekwini usule izikweletu zabangasekho
WU-PRIAH DASS
UMKHANKASO omkhulukazi wokuthula umthwalo imindeni yabantu asebashona, uMasipala waseThekwini uzocisha izikweletu zemizi yenani eliwuR1 million ezingaphezu kweminyaka emibili zikhona.
Lesi sinqumo esiyingqophamlando sisanda kwemukelwa ngo-elethu wumKhandlu ngokuhlinzeka komthetho wokuphatha izimali komasipala i-Municipal Financial Management Act nenqubo elawula nokuqoqa izikweletu i-eThekwini Municipality Credit Control and Debt Collection Policy.
Okwamanje isikweletu semizi yabantu asebashona, lapho kungabekwanga khona abantu ababa ifa lilinganiswela ngaphezu kukaR900m. Nokho umKhandlu uthathe isinqumo sokuthi kuzohlomula imizi enenani elingevile kuR1m.
UmKhandlu unqume ukuthi ukusula isikweletu kuzokwenzeka ngaphansi kwale mibandela elandelayo. Nansi:
- Umuzi womuntu ongasekho emhlabeni nokweletayo kufanele kubewumuzi wokuhlala, hhayi ibhizinisi;
- Isikweletu okukhulunywa ngaso akufanele sibengaphezu kweminyaka emibili noma izinyanga eziwu-24;
- Kufanele kubenendlalifa enegunya lomthetho lomuzi ukugwema ukuvuka kwesikweletu.
Uma isihlobo somuntu ongasekho emhlabeni kuyingane noma umuntu ohlwempu, umKhandlu unqume ukuthi kuzosebenza inqubo ebheke abantu abahlwempu i-Indigent Policy.
IMeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba ithe lesi sinqumo yisinyathelo esifanele ukuthula imindeni ehlwempu umthwalo emahlombe nokuphucula indlela umasipala oqoqa ngayo izikweletu.
“Lesi sinqumo sizokwenza abantu abanegunya lomuzi ukuthi bavele bazokwenza isivumelwano esifanele nomasipala. UMasipala ukholwa wukuthi lesi sinqumo sizothula imindeni ehlwempu eminingi umthwalo emahlombe, eminye eyagcina ithola izinto zikaMasipala ngendlela engekho emthwethweni, okwenza uMasipala uqhubeke ulahlekelwe yimali engabe uyayingenisa nokubeka le mindeni engcupheni yokushushiswa,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/15/kubekwe-ur217bn-ozoguqula-izinto-ethekwini-imeya/
Imeya inxusa zonke izindlalifa nezihlobo zabantu abangasekho ukuthi balibambe ngezandla zombili leli thuba ngokuya kwamasipala ukuyoxoxisana ngohlelo lokukhokha ngamancozuncozu.