Kuntwela ezansi ngesimo somnotho ezweni – ingqapheli
WUSLINDILE KHANYILE
IBHANGE loMbuso lizokwehlisa imalimboleko kabili kulo nyaka ngo-25 basis points nangonyaka ozayo ngokusho kosomnotho baseFNB.
Bathi loku kungenxa yokusimama kwamandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika njengoba seludlulile uvalo ngezepolitiki ezweni nokuphucuka kwezinto emhlabeni.
NgoLwesine oluzayo umhlaka-19 Septhemba, ikomidi leBhange loMbuso elinquma ngemalimboleko, iMonetary Policy Committee lizohlangana kanti kulindeleke ukuthi liqale lehlise imalimboleko nokuzobe kungokokuqala kusukela ngo-2021.
Usomnotho omkhulu eFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi uthe: “Ngaphezu kwaloko, sesilindele ukuthi umnotho ukhule ngaphezu kwebesikulindele okuzotshengisa ukuncipha kwenkinga kagesi, ukwehla kwamanani, ukuncishiswa kwembalimboleko, ukuphucuka kokulindelekile emnothweni nokuthi ebesikucabanga ngomphumela wohlelo olusha lwezimpesheni, i-two-pot retirement system luhamba kanjani.”
Leli bhange lithe selilindele ukuthi umnotho ukhule ngo-1% usuka ku-0.9% ngo-2024, ngo-2025 bathi uzokhula ngo-1.8% usuka ku-1.7%, kuthi ngo-2026 ukhule ngo-1.9% usuka ku-1.8%.
Imalimboleko iwu-8.25%, okuyizinga eliphezulu eminyakeni ewu-14 kanti i-prime rate, inzalo amabhange ayikhokhisa abathengi, yona iwu-11.75%.
UMkhwanazi uthe babheke ukuthi zonke lezi zinto zibenomphumela omuhle nasembonini yezakhiwo nokuthengwa kwezindlu eminyakeni embalwa ezayo ngoba zonke lezi zinto zizokwenza abantu babenamandla okuthenga izindlu nokufanele kuseke le mboni.
Ucwaningo leli bhange olulusebenzisayo ukulandela okwenzeka embonini iFNB House Price Index lutshengise ukuthi izinto kule mboni zikhule okungenani ngo-0.6% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, okungashintshanga ngenyanga edlule.
“Kubukeka sengathi ukutotoba kwezinto kusimeme kusukela ngoMeyi futhi kulindeleke ukuthi kuqale kunyuke uma imalimboleko isiqala ukwehla. Embonini yokuthenga izindlu, ukukhula kwemali ebolekelwa ukuthenga izindlu kwehlele ku-2.5% ngoJulayi, kusuka ku-2.7% ngoJuni, okutshengisa ukuncipha kokuthenga imizi, amanani nokuqina kwesandla endleleni okubolekwa abantu imali ngayo ,” kusho uMkhwanazi.
Embonini yezindawo eziqashisayo amanani ehlele ku-3.2% ngekota yesibili ku-2024, esuka ku-3.3% ngekota yokuqala.
Ngenyanga edlule iStatistics South Africa imemezele ukuthi ukwehla kwamandla emali kwehlele ku-4.6% ngoJulayi, kusuka ku-5.1% ngoJuni kanti i-core inflation ibewu-4.5%.
Exoxa noMbele ngaleso sikhathi umhlaziyi womnotho ozimele nosomnotho uSolwazi uBonke Dumisa wathi nakanjani iBhange loMbuso kuzofanele liqale lehlise imalimboleko ngoba isifinyelele lapho, wathi izoqala ikhululeke ngokwehla kwamandla emali.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/22/izokwehla-nakanjani-imalimboleko-ungoti/