INingizimu Afrika izoxoxisana neMelika ngokunyusa intela yezimpahla – ungqongqoshe
WUBONISWA MOHALE
OSOMABHIZINISI baseNingizimu Afrika abadayisa izimpahla eMelika bazokhokha imali ethe xaxa ngemva kokuthi inyuse intela eyikhokhisa amazwe awu-60 adayisa izimpahla khona.
Intela yezimpahla zaseNingizimu Afrika ezidayisa eMelika isuke ku-10% yawu-12,5% kule nyanga. Ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau uthe kuloku iMelika isebenzisa isigaba 301 somthetho wayo i-Trade Act wango-1974 ukunyusa intela yamazwe ethi awasenzi isiqiniseko sokuvimba izimpahla ezingayilandeli imithetho evikela izisebenzi, ikakhulu owokuthenga izimpahla emazweni aphoqa abantu ukusebenza.
“Sizenzile izethulo kuhulumeni waseMelika ukukhombisa ukuthi asithengi izimpahla emazweni aphoqa abantu ukusebenza naqashe izingane. Sizoqhubeka sixoxisane nawo ngalolu daba,” kusho yena. Wengeze ngokuthi izimpahla ezazikhushulelwe intela ekuqaleni azithinteki kulesi sigaba esisha.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/23/u-trump-uyaqhubeka-nokusabisa-amazwe-ngentela-yezimpahla/
Usomnotho wezolimo e-Agricultural Business Chamber of South Africa uMnu uWandile Sihlobo uthe iNingizimu Afrika ibhekene nenkinga yentela ka-12,5% ezothinta kakhulu imikhiqizo yezolimo.
Uthe: “Akuthina sodwa esibhekene nale nkinga njengoba kungamazwe awu-60. Sesizokhokha intela ewu-12,5% uma siyodayisa izimpahla zethu eMelika. Uhulumeni, imboni ezimele neyolimo baye eMelika ukuyochaza ngaphambi kokunyuka kwentela kodwa kuyacaca ukuthi incazelo yalezi zimboni ayizwakalanga.”
USihlobo uthe iMelika inyuse intela eyikhokhisa i-Australia, iPeru, iChile namanye amazwe ancintisana neNingizimu Afrika ngokudayisa imikhiqizo yezolimo eMelika. INingizimu Afrika idayisa imikhiqizo yezolimo ebiza uR252 billion eMelika.
Isazi somnotho saseNorth West University uSolwazi uWaldo Krugell sithe intela entsha izothinta kakhulu imboni yezolimo ngoba imboni yezimoto inentela yayo ekwesinye isigaba.
“Isaqhubeka impi yohwebo futhi iMelika isinqumile ukuthi imikhiqizo yolimo esuka emazweni ewabona sengathi awalwi nenkinga yokuqasha izingane izokhokha intela ewu-12,5%,” kusho yena.
Umfelandawonye wezinyunyana iSouth African Federation of Trade Unions usigxekile isinqumo seMelika sokunyusa enye intela, wakhala ngokuthi namanje iqambela leli zwe amanga.


