IKusile isiphehla ugesi owu-4 800 megawatts
WUBONISWA MOHALE
SEKUZOZWAKALA ngendaba ukuthi eNingizimu Afrika kuke kwanenkinga yokucima kukagesi njengoba isiteshi esiphehla ugesi ngamalahle esiseMpumalanga iKusile sesisebenza ngokugcwele.
NgoLwesihlanu umengameli uMnu uCyril Ramaphosa, ungqongqoshe womNyango kagesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa nezikhulu ze-Eskom bafakazele ukuthi lesi siteshi sesiphehla ugesi owu-4 800 megawatts.
Isazi sezindaba zamandla kagesi nesiwusihlalo wophiko lwamandla kwinhlangano yonjiniyela i-Engineering League of Progress uMnu uZakhele Madela sithe yisinyathelo esibalulekile lesi.
“Yinto ebaluleke kakhulu ukuthi iKusile isiphehla ugesi owu-4 800 megawatts ngoba kusho ukuthi iyodwa nje isikwazi ukuqeda isigaba sesihlanu sokucima kwagesi. Akuyona into encane lena ngoba kukhombisa ukuthi i-Eskom isinogesi omningi ezokwazi ukuhlinzeka ngawo abantu bakuleli zwe futhi ikwazi nokuwudayisela amanye amakhasimende ayo,” kusho yena.
UMadela uthi ukusebenza kweKusile kukhombisa ngokusobala ukuthi iziteshi eziphehla ugesi ngamalahle zibalulekile ekuqinisekiseni ukuthi kunogesi owanele ezweni futhi kuzogqugquzela abatshalimali nosozimboni ukuthi bahlale kuleli zwe.
“Sesinezinsuku ezingaphezu kwango-329 ugesi wethu ungacimi. Kukhombisa ukuthi uma kunokusebenzisana okuhle kuhulumeni izinkinga ziyanqobeka. Khumbula ukuthi kuke kwabaneziphakamiso zokuthi akuvalwe iziteshi zamalahle kodwa owayengungqongqoshe womNyango wezeMvelo, ukuDoba namaHlathi uNkk uBarbara Creecy, ebambisene noRamokgopa, abazange bazivale. Kunaloko baqinisekisa ukuthi ziyasebenza futhi kwalalelwa onjiniyela nezazi zamandla abashintshe isimo.”
FUNDA NALAPHA: Ibhodi entsha ye-Eskom izoqhubeka nomsebenzi wokuphipha omuhle
UMadela ubalule ukuthi akuyona neze into encane ukusebenza ngokugcwele kweKusile kodwa kusho ukuthi izinhlelo zokuguqula isimo e-Eskom zithela izithelo ezinhle.
URamaphosa ubonge uRamokgopa nezikhulu ze-Eskom neziphethe iKusile ngokushintsha lesi siteshi.
“Kusile ngempela eNingizimu Afrika ngoba sesinogesi omningi. I-Eskom isihlala inogesi ongaphezu kwango-74% kuya ku-90% ngezinye izikhathi. Ngesikhathi simemezela uhlelo lokuqeda inkinga kagesi ngo-2022 i-Energy Action Plan, izwe lalikhungethwe yinkinga kagesi ocima njalo. Konke loko kuphelile njengoba sesiseduze ukuthi siqede unyaka ungacimanga ugesi,” kusho yena.
Ukungacimi kukagesi uRamaphosa uthi kuzokhulisa umnotho, kuvikele imisebenzi ekhona kukhuthaze nokudaleka kwemisha uma osozimboni sebebona ukuthi ukuphehla ugesi akuhluphi ezweni.URamokgopa uthembise ukuthi umnyango wakhe uzoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi kunogesi owanele, uqede nenkinga ye-load reduction, ukucima ugesi ukuvikela ingqalasizinda ezindawo lapho ingqalasizinda kagesi isuke yenzelwe isibalo esithile semizi kodwa kubenabantu abantshontsha ugesi bese ingqalasizinda isindwa kuze kushe ama-transformer. Ukugwema loku i-Eskom iye icime ugesi ngezikhathi ezithile ukuze ama-transformer angashi.

