Ukuguquguquka kwesimo sezulu kuza nezinkinga ezizokhinyabeza umnotho
WUBONISWA MOHALE
YIZE iNingizimu Afrika inezinhlelo ezibhaliwe zokuthi izobhekana kanjani nokuguquguquka kwesimo sezulu kodwa ukungasebenzi kwazo kubeka izwe engcupheni yokuntenga komnotho, ukuphela kwemisebenzi nenhlupheko ngonyaka ka-2050.
Lezi zindaba ziqukethwe embikweni omusha obheka izingozi ezingahlasela umnotho waseNingizimu Afrika, phecelezi i-financial stability risk.
Umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthe umnotho waseNingizimu Afrika ubhekene nezinselelo ezihlukene kodwa ukuguquguquka kwesimo sezulu kuyinkinga edinga uhulumeni ungakhulumi nje kuphela kodwa wenze izisombululo ozibekele zona.
Ubalule ukuthi ngokuhamba kweminyaka umnotho uzoshintsha ungabe usagxila kugesi ophehlwa ngamalahle kodwa kusetshenziswe ugesi ohlanzekile, owelanga nowomoya.
Loku kuzokhinyabeza izimayini, imboni yokukhiqiza, eyezimoto namabhange anamakhasimende kulezi zimboni. Ukuguquguka kwesimo sezulu kuzoshaya nasembonini yezolimo, kushaye izakhamuzi, kwazise ezinye izindawo ziba nesomiso, zihlaselwe umlilo wequbula, izikhukhukhula, ukukhithika okudlulele nezinye izinhlekelele ezenzekayo ezweni kumanje.
ULesetja uthe izinkinga emnothweni waseNingizimu Afrika akusiko kuphela ukuguquguquka kwesimo sezulu kodwa nenkinga yokukhula kancane nomnotho, igebe eliphakathi kwabantu abahluphekayo nabacebile nokuqola izinkampani kusetshenziswa ubuchwepheshe, phecelezi ama-cyber attack.
Noma kunjalo amabhange anezinhlelo zokuvikela abantu njengoba u-68% wemali amabhange atshelekisa ngayo ukubheka ukuguquguquka kwesimo sezulu bese kuthi enye ingxenye engaphansi kuka-30% okubolekiswa ngawo ungasibheki.
Izimpi zamazwe eziqhubekayo, njengephakathi kwe-Ukraine neRussia, ephakathi kwe-Israel ne-Iran, okunye okwenza kubenokungabaza ngomnotho, wukushintsha njalo kwemithetho enjengokuguquka kwentela yezimpahla eziya eMelika ezivela kwamanye amazwe.
Uthi amabhange aseNingizimu Afrika abawacwaningile okuyi-Absa, iCapitec, iFirst Rand, i-Investec, iNedbank neStandard Bank anezinhlelo zokuvikela amakhasimende awo esimweni sezulu esishintsha mawala namaqola agadla ngobuchwepheshe.
Inhloko yophiko lwe-Financial Stability eBhange lomBuso uDkt uNicola Brink ithe bakhathazekile ngengqalasizinda ewayo eNingizimu Afrika ngoba nayo ibalwa nenye yezinkinga ezihlasele umnotho.
Ngaphandle kwezindaba ezimbi, uDkt uBrink uthi kufanele abantu baseNingizimu Afrika bajabule ukuthi izwe lizophuma kwi-grey list, uhlu lwamazwe angenazo izinhlelo eziqinile zokulwa nokushushumbisa imali exhasa abashokobezi.
Uthe lokui kuzogqugquzela abatshalimali ukutshala imali yabo ezweni ukuze kusimame umnotho.