UMnu uMfundo Kheswa, umsunguli weKuhle Kitchens & Furniture yaseNgwelezane, eMpangeni, KwaZulu-Natali, eyakha amakhabethe asekhishini nasemakamelweni. Izithombe: Zithunyelwe

Owazifundisa ubungcweti kuYouTube ufeza iphupho

WUTHOBILE ZWANE 

UTHISHA waseThekwini waqala ukusebenza ngezandla egcekeni ukuchitha isizungu kanti kuzogcina kufezeka isifiso ayenaso esemncane sokubanebhizinisi.  

UMnu uMfundo Kheswa waseMalukazi, ngaseMlaza, eThekwini, usungule iKuhle Kitchens & Furniture eseNgwelezana, eMpangeni, KwaZulu-Natali, eyenza amakhabethe asekhishini nawasemakameleni.

“Into eyangigqugquzela ukuqala lelibhizinisi ngoba kwakuyisifiso sami ngiseyingane sokubawumnikazi webhizinisi futhi nginothando olukhulu ngezakhiwo ne-interior design futhi ngifunde okuningi ngezincwadi zosomabhizinisi, enye into engigqugquzele,” kusho yena.

Uma ubona umsebenzi wakhe uzosala unkemile uma uzwa ukuthi akawufundelanga kodwa yonke into ayaziyo ngawo uyifunde kuYouTube nokusebenza nabantu abanolwazi lomsebenzi. 

Uthi abantu ababaseka kakhulu ebhizinisini lakhe ngamakhasimende aselokishini abaxhasa ngokubanika ithuba lokuvuselela amakhishi.

“Njengoba ngisebhizinisini into esengayifunda ngami wukuthi angikuthandi ukunakwa,  ngithanda izindaba zami kube ngezami nokuthi ngilambele impumelelo ngaphezu kwengangikucabanga,” kusho uKheswa. 

Le nkampani iqashe abantu abahlanu, ababili abasebenza ngokugcwele nabathathu abayitoho. 

Ikhishi elenziwe yiKuhle Kitchens & Furniture lisala liqhakaze kanje

EKuhle Kitchens basagxile ekutshaleni imali ebhizinisini ngoba bahlose ukubanemishini yabo yokusika namaveni amabili eminyakeni emine ezayo.  

“Lo mkhakha unezinselelo eziningi, enye yazo wukukhuphuka kwezindleko zezinto zokwakha kodwa sekudlulile loko ngoba sinemishini yethu nezindawo zokusebenzela,” kuqhuba yena.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/05/15/iyadlondobala-intokazi-engazifaki-izinzipho-emsebenzini-ukuze-izibambele-mathupha-umsebenzi-wamadoda-manje-isigabe-nangamakhasimende-asemelika-intatheli-yombele-iyabika/

Ululeke osomabhizinisi ngokuthi bakujwayele ukuhluleka futhi bazimisele ukufunda kukho ngoba impumelelo ithatha isikhathi eside. Muzwe echaza.  

UKheswa uthi eKuhle Kitchens & Furniture uthi baphokophele ukuthi eminyakeni emihlanu ezayo bakhe imboni yebhizinisi labo futhi bathuthuke kuzo zonke izigaba zebhizinisi, ikakhulukazi ekugcineni izindleko zokusebenza kwabo ziphansi. 

Mayelana nezinhlelo zangomuso, bazimisele ukungena emkhakheni wemizi nezakhiwo.

  • Facebook: Mfundo Kheswa
  • Instagram: @kuhle_kitchens

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page