Umsunguli weNdlovukazi Agriculture Multipurpose uNksz uSiphindile Hlengwa uthi maningi amathuba kwezolimo. Izithombe: Zithunyelwe

Wangena kwezolimo ukuchaza unina ongasekho nokuzilapha 

WUTHOBILE ZWANE 

UKULIMA yinto ejulile kwintokazi yaseMfume, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, njengoba ithi ukusebenza ngenhlabathi yikona okwayelapha emva kokudlula kukanina emhlabeni. Ukulima wumsebenzi ayevame ukuwenza naye ngaphambi kokugxila kuwona awenze ibhizinisi. 

UNksz uSiphindile Hlengwa, umsunguli nomqondisi weNdlovukazi Agriculture Multipurpose, ukhuthaza intsha ukuthi ibone ezolimo njengesisombululo esizokwakha amathuba omsebenzi eNingizimu Afrika.

“Ngangifuna ukwenza nesinqumo engaziyo ukuthi uzoziqhenya ngaso (umama),” kusho yena.

UNksz uHlengwa uthi ipulazi lakhe seliphenduke isizinda solwazi nesiqeqesha intsha efisa ukungena kwezolimo. Ligxile ekukhiqizeni izitshalo amazambane, iklabishi, ubhontshisi, u-pepper, ukotapeya, ama-aphula nobhanana. 

Ubhontshisi okhiqizwa yiNdlovukazi Agriculture Multipurpose usulungele amakhasimende

“Sengibewumlimi iminyaka emine manje. Ngiwumuntu wesifazane omnyama ngingasho nje ngingananazi ukuthi ezolimo akuzona azabantu abanezinhliziyo ezisheshe zizwele. 

“Ukungalali ngenza umsebenzi wasehhovisi, ngifunda kuthi emini ngibhekane nomsebenzi, kuhlanganisa nokusebenza epulazini, kungiqinisile ukuze ngikwazi ukubhekana nezolimo,” kusho uNksz uHlengwa.

Batshale amahekthare ayisihlanu. Banezisebenzi ezifika ngezikhathi ezithile eziwu-15 namathwasa awu-10. Kukhona nomphathi oyedwa asebenzisana naye okuwudadewabo.   

Okunye okwenziwa yiNdlovukazi Agriculture Multipurpose wukuba nezigcawu zokucobelelana kufundiswe khona ngokukhulisa ibhizinisi lezolimo. Inhloso yakhe njengomlimi wukukhulisa abantu, hhayi ibhizinisi kuphela.

“Siyakholelwa kubantu abasebasha abanolwazi kulo mkhakha. Yingakho sinohlelo lokuqeqesha sibathathe sibenze ingxenye yethimba lethu,” kusho uNksz Hlengwa.

Loku kuqeqesha nolwazi uthi kusize abantu abafisa ukubanolwazi ngezolimo ukuthi  bakwazi ukwenza umsebenzi, bathole nolwazi lwebhizinisi kwezolimo futhi bagqugquzeleke ukuzimele.

Isigcawu sokucobelelana ngolwazi seNdlovukazi Agriculture Multipurpose

UNksz Hlengwa ugqugquzela kakhulu ukuthuthukisa umphakathi. Ukulekelela abalimi ababhekene nezingqinamba ulula isandla ngokunikela ngembewu nezinye izidingo.

“Singaba yibhizinisi elibheke inzuzo kodwa sibheke nokukhulisa izitshalo ezitholakala eNingizimu Afrika kuphela nokuthi ukudla kusezingeni elihle futhi liyafinyeleleka kubathengi kanti siphinde sibheke nokulekelela kakhulu abalimi abanamakhono, sigqugquzele abantu besifazane, intsha nabantu (abanokukhubazeka) sibaqashe,” kusho uNksz uHlengwa.

Yize kungukufa kukanina okwamkhuthaza kodwa uthe noyise ubenesandla ekukhuleni kwepulazi lakhe yize wayengasiyena umlimi. 

Instagram: ndlovukazi_agriculture


FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/19/ukholwa-wukuthi-inkunzi-isematholeni-otshala-uthando-lwezolimo-ezikoleni/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page