Ungenisile emkhakheni okukhonya abesilisa kuwo
WUTHOBILE ZWANE
WAQALA inkampani enakekela izingadi ngoba ebona isikhala sokuthi wumkhakha ogcwele abantu besilisa, ikakhulu abelungu.
Manje usesimeme kangangokukuthi usenezinkontileka ezinkulu nanezikhondlakhondla. Unenkontileka nesonto iKwaDabeka Baptist Church, iThandanani Creche eKwaDabeka neBazamile Primary eMolweni. Inkontileka enkulu iseToyota eManzimtoti.
UNkk uSithabile Mncwabe, umsunguli nomphathi weSithandokuhle Holdings yaseClermont, eThekwini, uthi akacucuzanga uma ebona ithuba ngoba vele wayenothando lwengadi neminye imisebenzi eyenziwa egcekeni.
Uhamba ezinyathelweni zikanina njengoba beqhubeka nokwenza umsebenzi wengadi namanje uma bethola ithuba.
“Uhambo lwami lumnandi futhi lube lula. Ngikhumbula ngiqala leli bhizinisi, inhloso yami kwakuwukuthi ngizisebenze nje eceleni, ngoba ngangiqashiwe. Ibhizinisi lavele lakhula ngendlela emangalisayo. Ngezinyanga nje eziyisithupha, ngase nginamakhasimende. Kwangikhuthaza ukuthi ngilithule laziwe ngabantu ngoba ngangazi ukuthi uma ngilenza ngomholo wami, ngaphandle kwabaxhasi, abantu bazobona ukuthi ngizimisele futhi ngiyazethemba, mina nebhizinisini lami,” kusho yena.
Uthi wathola ikhasimende lokuqala ngokungena umuzi nomuzi azisa abantu ngomsebenzi wenkampani. Wenza isiqiniseko sokuthi amakhasimende akhe okuqala ayawuthokozela umsebenzi khona ezotshela nabanye. Ngemva kwesikhathi, wathola ukuthi ukukhangisa emsakazweni nasemaphephandabeni yikona okuhamba phambili kanti uthi nezinkundla zokuxhumana zenza umehluko omkhulu.

UNkk uMncwabe ezibambele mathupha umsebenzi
“Siyazigqaja ngokwenza umsebenzi osezingeni (eliphezulu). Siyawunaka umsebenzi wethu ngeso elijulile futhi senza nokungaphezulu emsebenzi wethu, siyawenzisisa. Senza ubudlelwano namakhasimende ethu ukuze siqondisise akulindele,” kusho uNkk uMncwabe.
Eqala umsebenzi waqasha abantu ababili kanti manje sebewu-13.
Uthi izinselelo aziziningi, ngaphandle nje kokuthi abantu asebenza nabo abasibambi isikhathi sokufika emsebenzini, kokunye abawenzi kahle umsebenzi uma engekho.
“Namakhasimende ayekhokha ngemva kwesikhathi kodwa konke lokho sekwalungiseka, angisakhali ngalutho manje.
“Ngomusa kaNkulunkulu angizange ngibe nezinkinga nengincitisana nabo kulo mkhakha, kunaloko sasebenzisana nabanye ngafunda okukhulu kubona njengoba benolwazi oluningi kunolwami ngoba sebeneminyaka bekulo mkhakha. Ngikholelwa kakhulu emkhulekweni nokusebenza kunzima futhi ngiyazi ukuthi uNkulunkulu akuphe kona uzokulonda. Yiloku okwenzeka kimi neSithandokuhle Holdings,” kusho yena.
Uthi ngasekuqaleni kwafanele abhekane nokusaba, ngoba njengoba ewumqashi kufanele uzethembe ngoba izisebenzi zibukela kuwena ukuthi uzihole.
“Ngifisa ukubona abantu besifazane bebaningi kulo mkhakha wosonkotileka obonakala unamathuba amahle okwamanje. Isifiso sami wukuthola inkontileka ezinkampanini ezizimele ngiqashe abantu abaningi, ngandise ibhizinisi lami ezindaweni ezifana neRichards Bay, enye yezindawo engibheke ukusebenza kuyo ngibe negatsha eMgungundlovu,” kusho uNkk uMncwabe.
- Facebook: Sithandokuhle Holdings/Sithabile Sthandwa Mncwabe
- X: @SithandokuhleH