Ungoti wezabathengi wasebhange ucebisa ngemigomo emihlanu yokuphatha imali umthengi angaqala unyaka ngayo

UKUPHELA kukaJanuwari bekusho ukuqala konyaka omusha, unyaka omusha oletha amathuba amasha okuthi sibuyekeze indlela esiphatha imali ngayo futhi siqale uhlelo lokuphatha imali olusha ukulungiselela izinyana ezisele onyakeni. Ngeshwa sisabhekene nengwadla yeCOVID-19 nokuqhubeka nokusimisa kabi ngasezimalini. Yingezikhathi ezinjena lapho siyaye sikhuthaze khona abathengi ukuthi babhekisise izinto abanamandla okuzenza ukuphatha imali yabo kahle nokunakekela ikusasa.

Sisanda kubhala ngamabhizinisi ayi-multi-level marketing. Okunye okuvelile wukudidaniswa kwawo nama‘bhanoyi’. Ukucacisela abantu sixoxe noNksz uThezi Mabuza, obambe njengoKhomishana weNational Consumer Commission (iNCC), inhlangano elawula ubudlelwano phakathi kwabathengi namabhizinisi

Umbele: Ningakuqinisekisa njengeNCC ukuthi i-multi-level marketing yimboni esemthethweni eNingizimu Afrika futhi niyayilawula?

Abama-medical aid bathi bazimisele ukusiza uhulumeni ukufinyelela kubona bonke abantu abawu-40 million okumele bagonywe kodwa bayaziqhelelanisa nokuthi sebevumile ukukhokha uR6.8 billion ukuze kugonywe nalabo abangesiwo amalungu abo

INHLANGANO engenzi inzuzo newubumbano lwezinkampani ezihlinzeka ngomshwalense wezempilo, phecelezi ama-medical aid, iBoard of Healthcare Funders (iBHF) isikuqinisekisile ukuthi labo abangamalungu alezi zinkampani bazowuthola umgomo weCOVID-19 kodwa nazo zizowagoma ngokulandela uhla lwabantu okumele kuqalwe ngabo njengokusho kukahulumeni.

Uma kuqala unyaka omusha abantu abaningi baye bazibophezele ezintweni ezithile abafisa ukuzifeza nokuziphucula empilweni. Enye yazo wukuphuma ezikweletini. Nanka amanye amathiphu angakusiza ukuqeda izikweletu

UKUKHOKHELA ingxenye noma zonke izikweletu zakho kuke kubukeke kuwumqansa uma ubheka umthamo wazo. Yingakho kumqoka ukuthi ucabangisise ngaphambi kokuthatha isikweletu esisha, kungaba isikweletu esikhulu njengokuthenga imoto noma ukudinga imali ngenxa yesimo esiphuthumayo kodwa kuqala kumele uzibuze ukuthi uzokwazi yini ukumelana nesikweletu ngaphezu kwazo zonke izindleko zemihla ngemihla.

Kuyakhula ukuthengwa kwezimpahla kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanjemanje nasezitolo ezi-online kanti ‘nabashaya ikhadi’ bakhona nalana kwezobuchwepheshe.

IBHANGE loMbuso ngokubambisana neFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) nePayment Association of South Africa (iPASA) baxwayisa abathengi ngezinto okumele baziqaphele uma bethenga kwi-internet ukuqinisekisa ukuthi imali yabo ivikelekile.

Izinselelo iNingizimu Afrika ebhekene nazo azisho ukuthi izwe kumele liqhubeke nokucwila ezikweletini. USLINDILE KHANYILE uyabika

ININGIZIMU Afrika ilindele ukuthi imali eyikweletayo inyuke isuka kuR4.1 trillion ngo-2020/21 ifinyelele kuR5.5 trillion ngo-2023/24, nokuzoba ngu-95% wenani lo mnotho noma i-gross domestic product (iGDP), lokhu kushiwo wuNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni.

Kusasa uNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni uzokwethula isabelomali saphakathi nonyaka, iMedium-Term Budget Policy Statement. Singalindelani kulesi sabelomali? USLINDILE KHANYILE uyabika

BEKUFANELE ngabe isabelomali sizokhombisa ukuzinikela kweNingizimu Afrika ekufukuleni umnotho ngokuthi kube khona imali ebhekile ezokwabelwa ukuthuthukisa ingqalasizinda kodwa kunaloko uNgqongqoshe wezeZimali uMnu uTito Mboweni uzoqhubeka nokubopha izifociya.

Kuyagcina kule nyanga ukukhokhwa kukathasi ezibonelelweni zezingane nezaguga njengoba isikhathi esasinqunyelwe zona sesiphelile. Loku kuthiwa kuzozwela njengoba amanani okudla emba eqolo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKUQEDWA kukachatha obufakwe ezibonelelweni zezingane nezabantu abadala kuzokwenza izigidi zabantu zibulawe yindlala futhi kuzolimaza kakhulu abantu besifazane, okuyibona abahlomula kakhulu ngalezi zibonelelo.

I-FNB isanda kumemezela ukuthi abantu sebezokwazi ukuthenga amasheya ezinkampanini ezifana noNetflix, u-Apple, u-Amazon, uFacebook nezinye ngokutshala uR10 nje isheya ngendlela yokutshala imali ebizwa nge-Exchange Traded Note. Ingabe abantu kumele babe nesasasa ngempela ngaloku futhi yini ubungozi obuhambisana nale ndlela yokutshala imali? USLINDILE KHANYILE uyabika

I-FNB imemezele ngeqholo ukuthi ngoR10 nje vo noma wubani angaba wumnikazi wamasheya ezikhondlakhondleni ezingo-Apple, uFacebook, u-Netflix, u-Amazon, uMicrosoft, uCoca-Cola, iTesla, i-Alphabet noMcDonald’s.

Abantu abagade ingozi yentela futhi bangaxhamazeli endleleni abakhokhela ngayo izikweletu njengoba bebaningi abaphelelwe yimisebenzi ngenxa yeCOVID-19. Lesi yiseluleko sikaNksz uPhumelele Ndumo, umeluleki wezezimali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ABANTU abadiliziwe njengoba kuqubuke iCOVID-19 nabazothola imali yabo yempesheni kanjalo neyokudilizwa kumele baqaphele imali yabo ingagcini iphelela kwintela ngenxa yendlela abakhetha ukuyisebenzisa ngayo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page