Kucetshiswa izitokfela ngendlela ephephile yokukhipha imali ukuze zigweme ukuba wukudla kwamaqola. INTATHELI YOMBELE iyabika

AMAHOLIDI kaKhisimusi aseqalile kanti ezinye zezinto ezijwayelekile ngalesi sikhathi wukuhlukanisa izitokfela. Abanye bazihlukanisa ngasekuqaleni kukaDisemba kanti abanye bazihlukanisa ekupheleni kwawo ngoba imali basuke beyongela izidingo zikaJanuwari nokuvula kwezikole.

Lungisa isimo sakho semali ngokubuyekeza imishwalense yakho. INTATHELI YOMBELE iyabika

YISIKHATHI lesi lapho abantu bekhuculula khona kwazise lithwese ihlobo. Yithuba elihle lokubuyekeza futhi ukhuculule isimo sakho sezimali, ozibophezele kukho nemishwalense onayo ukuqinisekisa ukuthi ukulungele ukubhekana nanoma ngabe yisiphi isimo ongahlangabezana nazo ngalezi zinyanga ezisele onyakeni.

I-FNB isiphinde yahlanganisa ithuba lokuthi noma wubani abe namasheya ezinkampanini zaphesheya. USLINDILE KHANYILE uyabika

ISASASA lokuthengwa kwamasheya ezinkampanini zaphesheya ngendlela yokutshala imali okuthiwa yi-exchange traded note (i-ETN) isiyenze iFNB yaphinde yahlanganisa amanye amasheya alolu hlobo.

Abantu kumele bangacabangeli inamhlanje kuphela uma sebeya empeshenini ngoba kulula ukuthi imali isheshe iphele. USLINDILE KHANYILE uyabika

ABANTU abaningi abasuke sebethatha umhlalaphansi eNingizimu Afrika bakhetha uhlobo lwempesheni oluthembele kakhulu ekutheni kwenzakalani ezimakethe zemali ngoba basuke becabangela imanje kunokubheka okuzobasiza ngomuso futhi kuqinisekise ukuthi banempesheni ezobanakekela impilo yabo yonke.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page