Inkunzi kwezokuphatha imali ithi phindela ekhaya, ubuyele nasematekisini uyokhokha umoya, isimo somnotho size sibe ngcono.
Ixoxe noSLINDILE KHANYILE ngamasu okuvuka uzithathe

ABANTU abakwamukele ukuthi impilo nesimo sabo semali sishintshile ngenxa yomonakalo odalwe yiCOVID-19 futhi banganqeni ukubuyekeza indlela abaphila ngayo. Lesi yiseluleko sikaMnu u-Owen Nkomo oyisikhulu esiphezulu se-Inkunzi Wealth Group.

Ukuhlasela kwalesi sifo kuke kwamisa nse yonke into emhlabeni nokuwise iminotho yamazwe amaningi futhi kumanje kukhona izimboni ezingakavulwa eNingizimu Afrika. Kunenqwaba ephelelwe yimisebenzi njengoba bewu-30.1% abantu abangasebenzi ezweni kanti abanye bancishiselwe imiholo.

Ngokwezibalo ezintsha ezibheka imikhiqizo ezweni (i-GDP) ezikhishwe yiStatistics South Africa ngeledlule, umnotho wehle ngo-16.4% ngekota yesibili yonyaka uma kuqhathaniswa nekota yokuqala. Ikota yesibili ihlanganisa u-Ephreli, Meyi noJuni nokuyizona zinyanga lapho iningi lezimboni zazisavaliwe. 

Lezi zibalo ziveze ukuthi ngaphandle kwemboni yezolimo, zonke ezinye zishayekile njengoba abantu bebevaleleke emakhaya. UNkomo uthe abantu abangesabi ukushintsha indlela abebephila ngayo kuze kube isimo somnotho siba ngcono

“Ayikho into embi ngokuthi uphindele ekhaya uyohlala khona uma kuwukuthi ubuqashile. Uma unomuzi zama ukuthola isiqashi. Ungenqeni nokuphindisela imoto emuva, uphindele ematekisini, ngoba ngokwenze njalo enye yezinto ongayeka ukuyikhokhela wumshwalense wemoto. Noma okungenani uzame ukuthi kube khona abantu ozohambisana nabo nishintshane,” kusho yena.

UNkomo uthe lesi akusona isikhathi sokubukwa ngokuzama ukubambelela empilweni umuntu abeyijwayele ingakabheduki iCOVID-19 kodwa kumele umuntu agxile ekwenzeni lokho okuzomsiza adlule kulesi simo.

“Kumele sithole indlela yokunciphisa izindleko njengokuthenga imithi okuthiwa ama-generic ekhemisi, ushintshe isikole izingane ezifunda kusona, ubheke ngisho nanesitolo othenga kusona ukudla; thola esishibhile kunalesi osisebenzisayo manje. Enye into abantu abangayenza wukubuyekeza umshwalense wemoto. Uthola ukuthi umuntu unemoto esineminyaka emihlanu kodwa usakhokhela umshwalense owawunqunywe ngokwenani imoto eyayibiza lona ngesikhathi eyithenga ekubeni manje lelo nani selehlile.”

UNkomo uthe okunye okuzomele kubhekwe wukuthi sisekhona yini ngempela isidingo sokuthi abantu “bazigqilaze ngokuzibophezela esikweletini sokuthenga umuzi”. Imvamisa isikweletu somuzi sikhokhelwa iminyaka ephakathi kwewu-20 newu-30.

UNkomo uyenaba ngalokhu kwi-podcast ongayilalela.

Ukudla ngezinye zezindleko ezinkulu futhi ayikho indlela yokuzigwema ngoba isisu asikweletwa. Ngokusho kwe-PMBEJD Household Food Basket, okuwumbiko obuyekeza amanani okudla owenziwa yinhlangano engenzi inzuzo, iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity, ukudla kunyukile futhi ngo-Agasti.

Le nhlangano ithe ukunyuka mawala kokudla kwaqapheleka phakathi kukaMashi no-Ephreli kwase kuthi ukudamba kancane ngoJuni. Ngo-Agasti izibalo zayo ziveza ukuthi ubaskidi wokudla unyuke ngo-1.7% noma ngoR57.85, ekubeni ngoJulayi wawehle ngo-2.1% noma ngoR73.09.

Lo mbiko uthe kulezi zinyanga ezinhlanu ezedlule zokuvalwa kwezwe ubaskidi wokudla unyuke ngo-7.8% noma ngoR249 .99 kanti uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka lamanani akhuphuke ngo-13.2% noma ngoR403.46.  Ubaskidi wokudla ophelele ngo-Agasti ububiza uR3 470.99.

Omunye wabantu oseneminyaka emine egqugquzela abantu besifazane ukuthi abagade indlela abasebenzisa imali ngayo, bazame ukonga ngokuthi bathenge ukudla okungaboli kube kuningi futhi bagweme izikweletu wuNkk Ncumisa Ndelu onekhasi kuFacebook elibizwa nge-1 Family 1 Stockpile, elinabalandeli abawu-150 000. 

UNkk Ndelu uthe ukholwa wukuthi awukabonakali kahle umonakalo weCOVID-19 ngoba ngisho kungathiwa awuthintekile ngqo kodwa kukhona obaziyo abathintekile okungenzeka ukuthi sebezothembela kuwena. Uthe lesi siyisikhathi sokuthi wonke umuntu ayigadise okwezikhali zamaNtungwa imali. 

“Ngihlale ngithi kumele sibhale phansi yonke into esiyenzayo ngemali ukuze sizokwazi ukuchaza ukuthi siyenzeni. Lesi yisikhathi esikahle sokufundisa abantwana bethu ngokuphathwa kwemali ngoba bona bacabanga ukuthi ngoba abazali bayasebenza konke kuhamba kahle.

“Isifiso sami wukuthi sengathi uma izwe selivulwe ngokuphelele siqhubeke nemikhuba emihle esiyifundile. Lesi sikhathi mina singikhombisile ukuthi ngempela kuyasiza ukuthenga izinto ezingaboli zibeningi ngoba mina nje ngezinyanga ezimbili zokuqala zokuvalwa kwezwe bengingadingi lutho ngaphandle kwezinto ezonakalayo njengesinkwa nobisi kodwa konke okunye benginako ekhaya. Ngibonile ukuthi ukuqongolela izinto yinto oyenzayo ngoba ulungiselela noma yini engakwehlela futhi kwenza nemali ikuqhube isikhathi esithe xaxa,” kusho yena. 

Uthe asikho nesidingo sokugcwalisa oncamnce emakhabetheni ngoba yizinto empeleni izingane ezingadingi ukuzidla futhi kunenqwaba yezinto ezithengwayo kodwa esingekho isidingo sazo.

“UMa wayethi uma ungenayo imali yokuyithenga into kusho ukuthi akufanele uyithenge. Ngiyaye ngibone abantu bethenga ukudla ngesikweletu kwaWoolworths, ngizibuze ukuthi kodwa abantu bayenzelani le nto.

“Uyabona kumele siyiyeke le nto yokucabanga ukuthi ngoba naku into iyabiza kusho ukuthi kumele ithengwe ekubeni ikhona efana nayo eshibhile. Ngawenza nami amaphutha ngemali ngisanda kuqala ukusebenza, ngaba nayo yonke inhlobo ye-akhawunti ngoba ngangicabanga ukuthi kumele kube njalo kodwa ngakwazi ukuzikhipha kuleyo nyakanyaka,” kuphetha uNkk Ndelu. 

Amanani okudla okungasali kubaskidi ngo-Agasti 2020 uma kuqhathaniswa nango-Agasti 2019:

UkudlaAgasti 2020Agasti 2019
ImpuphuR263.86 u-35kgR212.66 u-35kg
IrayisiR111.59 u-10kgR81.39 u-10kg
UflawaR87.19 u-10kgR69.99 u-10kg
Ushukela omhlopheR150.79 u-10kgR137.59 u-10kg
UbhontshisiR107.39 u-5kgR86.19 u-5kg
AmafuthaR102.99 u-5ltR83.99 u-5lt
AmazambaneR64.41 u-10kgR46.59 u-10kg
U-anyanisiR61.59 u-10kgR52 99 u-10kg

Ulwazi lutholakale kwi-PMBEJD Household Food Basket

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page