I-Cash Paymaster Service iyalelwe ukukhokhela iSassa uR81 million
YINTATHELI YOMBELE
INKANTOLO yomThethosisekelo inqume ukuthi inkampani eyayiholela abantu izibonelelo zikahulumeni iCash Paymaster Services (iCPS) ikhokhele iSouth African Social Security Agency (iSassa) imali engaphezu kwangoR81 million.
Izolo ijaji leNkantolo yomThethosisekelo uSteven Majiedt lithe sekuyisikhathi eside lolu daba lwenkontileka eyayingekho semthethweni lusenkantolo. INkantolo yomThethosisekelo yanquma ngo-2014 ukuthi le nkontileka ayikho semthethweni kanti iCPS yaqhubeka nokwenza inzuzo ngemali eyayithola kwiSassa.
Yize iCPS isizoshabalala kwazise kunomlawuli oqokelwe ukwenza loku kodwa iSassa ibisalandela imali yayo.
FUNDA NALAPHA: I-Sassa izoqinisa ibhawodi ukuze izibonelelo zikahulumeni ziholwe ngabafanele
Kulolu daba inhlangano elwela ubulungisa iFreedom Under Law yiyona ebilwela ukuthi iCPS ikhokhele iSassa inzuzo eyayenza futhi ikhokhele nabanye ebakweletayo.
Ujaji Majiedt uthe iCPS ibikweleta nomqoqintela futhi ukhathazekile ngaloko. Ube esenquma ukuthi ikhokhele iSassa uR81 286 177.
Ubalule ukuthi iSassa izothola nengxenye yemali kwinzuzo engaphezulu kwangoR632m nenye ewuR74m yomsebenzi iCPS engawenzanga.
Esitatimendeni, isikhulu esiphezulu seSassa uMnu uThemba Matlou sithe sisithakasele isinqumo seNkantolo yomThethosisekelo ngoba sikhombisa ukuthi umthetho wezwe uyasebenza.
“Sibalulekile lesi sinqumo ngoba sizosisiza ukuthi sithole imali esiyikweletwayo bese sidlula kulolu daba oseluthathe iminyaka. Sizoyilandela yonke imiyalelo yeNkantolo yomThethosisekelo,” kusho yena.

