Siseduze isisombululo senkinga yeTongaat Hulett – umnikazi omusha
WUBONISWA MOHALE
UMACAPHUNAKUSALE waseNingizimu Afrika othenge iTongaat Hulett uMnu uRobert Gumede uthi sekusele kancane ukuthi basombulule izinkinga zale nkampani kashukela.
Engxoxweni abe nayo ne-Moneyweb ngoLwesihlanu, uGumede ohola iVision Group ethenge iTongaat Hulett, uthe isisombululo sabo sidinga ukuthi i-Industrial Development Corporation, eboleka amabhizinisi ngezimali, nongqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau bahlale nabo phansi ukuthola isisombululo sesikhathi eside.
NgoMeyi wonyaka odlule iVision Group yathenga iTongaat Hulett ngoR11.7 billion ngohlelo lokuthi izokhokha izikweletu zale nkampani.
“Asidingi isisombululo esizofana nokubopha ngebhandishi isilonda somdlavuza kodwa sidinga isisombululo sangempela. Asizile lapha ukuzokwenza imali esheshayo, ngisho kungafika umuntu ofuna ukuthenga iTongaat Hulett ngoR12bn ngeke simdayisele. Sizimisele ukuguqula isimo sale nkampani ngoba asifuni nje ikhiqize ushukela kodwa sifuna umoba wenze neminye imikhiqizo. Sifuna ukuthi yenze izigidigidi zamadola,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/?s=Tongaat+hulett
Ugcizelele ukuthi abezile nje ukuzohweba kodwa bafuna ukukhulisa iTongaat Hulett ukuze ikhiqize ugesi ohlanzekile ozosetshenziswa eNingizimu Afrika futhi bakhiqize nophethroli ohlanzekile.
Kolunye uhlangothi abalimi bakamoba bafuna isisombululo sisheshe njengoba ngenyanga ezayo bezoqala ukuvuna umoba, okungafanele uhlale izinsuku eziningi ungagayiwe.
Inkinga wukuthi njengoba kusaqhubeka icala elifakwe ngabahlenga iTongaat Hulett enkantolo lokuthi le nkampani ivale, imali yayo ivalelwe. Icala lizobuyela enkantolo ngomhlaka-16 no-17 wango-Ephreli.
Isikhulu esiphezulu seSA Canegrowers uDkt uThomas Funke Sinethemba lokuthi sizotholakala isisombululo esizogwema ukuvala iTongaat Hulett.
“Sinethemba lokuthi izinhlaka ezithintekayo zizosithola isisombululo kodwa uma izinhlelo zokuvala le nkampani ziphumelela kufanele kubewukuthi ikhona imali ezoyilekelela ukuthi iqhubeke nokusebenza ukuze abalimi nabasebenzi bengeke bathwale kanzima uma sebevuna kulo nyaka,” kusho yena.
Uthe ukuvala iTongaat Hulett kuzoqeda umnotho wasemakhaya ngoba izindawo eziningi ezitshala umoba zincike kuwona ukwenza imali.
Ucele ukuthi uhulumeni usukumele inkinga yokungena kukashukela oshibhile, ngonyaka odlule obengamathani awu-200 000. Lo shukela uvela eBrazil, India, Thailand nakwamanye amazwe.
“Kufanele umengameli uCyril Ramaphosa akhulume nomengameli waseBrazil uMnu uLula da Silva ukuthi bame ukuletha ushukela wabo kuleli zwe ngoba sikhiqiza ushukela owanele. Kufanele kunyuke nentela uhulumeni oyikhokhisa ushukela wakwamanye amazwe ukuze sivikele imboni yethu,” kusho yena.
Usihlalo weSA Canegrowes uMnu uHiggins Mdluli uthe imboni ilahlekelwe wuR1.5bn ngenxa yokugcwala kukashukela wakwamanye amazwe.
Unxuse ukuthi isisombululo sodaba lwaseTongaat Hulett sitholakale ngokushesha kodwa nohulumeni uqinisekise ukuthi uvikela izimboni zakuleli zwe ngokuthi izimpahla zakwamanye amazwe zikhokhe intela ezwelayo uma zizodayisa lapha.

