UMogajane uyeke izikhundla ngenxa yokunukwa
INTATHELI YOMBELE
USULILE esikhundleni sakhe sokubawusihlalo wesikhwama sempesheni sezisebenzi zikahulumeni iGovernment Employees’ Pension Fund uMnu uDondo Mogajane kuleli sonto.
UMogajane okewabawumqondisi-jikelele emNyangweni weziMali uthe uyashenxa kuzo zonke izikhundla abeziphethe ngenxa yezinsolo ezimhlanganisa nokukhwabanisa imali okwenzeka ebhange eselawa iVBS Mutual Bank.
Uthe lezi zinsolo azilona iqiniso futhi ukholwa wukuthi ngokuhamba kwesikhathi iqiniso lizovela futhi isithunzi sakhe sivuseleleke.
Uthe ngokusula akusho ukuthi sekuphelile ngaye njengoba ethe kungenzeka ngokuhamba kwesikhathi asebenze embonini ezimele noma kwipolitiki.
Emva kokuhamba emNyangweni weziMali, uMogajane ubeyisikhulu seMoti Group kanti amanye amabhodi asulile kuwo yiChoppies Botswana, iV&A Waterfront nePan African Infrastructure Development Fund.
Khonamanjalo, iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) ihlawulise oMnu uStephanus Cornelius Jansen van Rensburg noFrederick Young Du Preez uR30 million umuntu emunye yabavala ekusebenzeni embonini yezimali iminyaka ewu-30 umuntu ngamunye.
Lo mlawuli uphinde wahlawulisa uMnu uJeremia Jesaja Steyn uR8m futhi yamvala ukuthi asebenze embonini yezimali iminyaka ewu-20, kwathi uMnu u-Elia Christiaan Janse van Rensburg yena uvaliwe ukusebenza kule mboni iminyaka eyishumi.
I-FSCA yenze lesi sinqumo emva kokuphothula uphenyo oluthinta iPhahamisa
Administrators (Pty) Ltd (ebiyaziwa ngokuthi yi- N-e-FG Administrators (Pty) Ltd), i-N-e-FG Fund Management (Pty) Ltd ne-The Wealth Strategist (Pty) Ltd, yadlulisela ekutholile ophikweni olushushisayo ezweni lonke iNational Prosecuting Authority kanti izoyilekelela uma icelwa.
I-FSCA ithe uphenyo lwayo luveze ukuthi laba batshala imali yamakhasimende bengayitholile imvume futhi imali yatshalwa ezinkampaninini ezingalawulwa yiFSCA kanti abanye kubona babengabanakizi balezi zinkampani imali eyatshalwa kuzo, okuphambene nendlela yokuziphatha neminye imithetho yemboni yezimali.
Lo mlawuli uphinde uxwayise umphakathi ukuthi uqaphele uma usebenzisana neFXNONSTOP (Pty) Ltd.
Uthe usuthole ulwazi olutshengisa ukuthi iFXNONSTOP kungezeka ukuthi ihlinzeka umphakathi ngamathuba okutshala imali kanti ithembisa ukuthi uzokwenza inzuzo nakanjani engafinyelela ku-40% ngesonto.
I-FSCA ithe yazisa umphakathi ukuthi iFXNONSTOP ayigunyaziwe ukuhlinzeka ngezimali.
- Lolu lwazi lucashunwe emNyangweni weziMali, kuMogajane nakwiFSCA