Umfelandawonye wabesifazane basemakhaya ukhuthazwe ngendlela yakudala yokulima
YINTATHELI YOMBELE
KUBALULEKILE ukuqhakambisa amandla nokuzimisela abantu besifazane basemakhaya abenza umehluko emphakathini ngokulima.
Loku kushiwo ngenkathi kugujwa usuku lwabesifazane basemakhaya emhlabeni jikelele i-International Rural Women’s Day, obelungomhlaka-15 Okthoba.
Abantu besifazane baKwaMkhizwana, eCato Ridge, entshonalanga yaseThekwini, KwaZulu-Natali, banengadi yomphakathi iVukuzenzele Community Garden benza loku qho kanti basebenzisa ukutshala ngendlela yakudala engawasebenzisi amakhemikhali phecelezi, i-organic farming, ukuphucula impilo yabo neyemindeni yabo.
UMasipala waseThekwini ubonge le mizamo yabantu besifazane ngokuvakashela ingadi ekhula ngamandla ekuWadi 2 waseThekwini. Le ngadi enamalungu awu-23, ayigcini nje ngokondla imindeni yabo kodwa futhi idayisa umkhiqizo osele ezimakethe zendawo.
Umasipala ubambe iqhaza elikhulu ekuxhaseni lezi zingadi ngokuhlinzeka ngezinsiza ukuze abalimi besifazane baphumelele.
Iphini lemeya uNks uZandile Myeni uncome ukuzimisela kwabalimi besifazane. Uthe: “Lezi zingadi zomphakathi zitshengisa amandla amangalisayo abantu besifazane basemakhaya abangagcini nje ngokunakekela imindeni yabo kodwa abalekelele imiphakathi yabo ngokulima.”
Uthe iningi labantu besifazane abayingxenye yalo mkhakha baphinde babeyizinhloko zamakhaya abo kanti iningi labo alisebenzi. Ngokulima bakwazi ukwengeza imali yabo futhi baphucule isimo sokutholakala kokudla emphakathini.

Iphini lemeya kaMasipala waseThekwini uNks uZandile Myeni beyoxhasa abalimi besifazane beVukuzenzele
“Okubalulekile ukuthi zonke lezi zingadi zaqalwa ngabesifazane uqobo, uhulumeni wangenelela kuphela ukubaxhasa,” kusho uNks uMyeni.
Ikhansela uNks uCheryl Sisoka lithe umasipala ulekelela izingadi zomphakathi ezingaphezu kweziwu-20 KwaMkhizwana ezingamahekthare aqala ku-0.4 kuye kwawu-23.
“Sisanda kufaka izingcingo zokubiya, sahlinzeka ngamathangi amanzi kanti sinomnyango wethu we-agri-ecology, sisiza laba besifazane ukuthi umkhiqizo wabo utholakale ezimakethe zendawo,” kusho yena.
Omunye wabalimi besifazane bendawo uNks uSiziwe Ndaba uthe: “Usizo lukamasipala lwenze ukuthi sinakekele imindeni yethu futhi sizimele.”
Lo mgubho walolu suku ukhombise ukuthi kubaluleke kangakanani ukulima emphakathini yasemakhaya.