UMnu uSduduzo Biyela, osungule i-Ekasi Delivery Services yaseNseleni, enyakatho yeKwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Uwumabizwasabele kwabangenazinyawo ezilula

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

UKHULE ewumuntu othanda ukwenza imisebenzi ehlukene ukugwema ukuvaleka nokuhlale ecela yonke into kubazali bakhe. 

Wukuphila ngaleyo ndlela okwenza uMnu uSduduzo Biyela, waseNseleni, enyakatho yeKwaZulu-Natali, wasebenzisa uR11 000 awuwina ekubhejeni ngonyaka odlule ukuqala ibhizinisi eliwusizo emphakathini.

UBiyela wumnikazi we-Ekasi Delivery Services, inkampani ethengela abantu igrosa futhi ibathathele namaphasela asezitolo nemishanguzo yanyanga zonke ibahambisele emakwabo.

“Seloku ngaqeda esikoleni angikaze ngisebenze into eqondile, ngihlale ngitohoza ezindaweni ezihlukene, ngisize nabantu abahlela imicimbi ukubakhangisela yona ngikwazi ukwenza imali ngaleyo ndlela.

“Loko ngenye yezinto ezenza ngabona kufanele ukuqala leli bhizinisi ngemali engahlabana ngayo eBetway ukuba nento ebambekayo engizophila ngayo futhi ngibe wusizo emphakathini,” kulanda yena.

Eqala i-Ekasi Delivery Services ngoSepthemba wangonyaka odlule, wasebenzisa uR18 500 ukuthenga isithuthuthu sokudiliva izimpahla zamakhasimende, egcwalisa kuR11 000 awuwina.

Umabizwasabele uBiyela nesithuthuthu adiliva wena phasela, wena maphilisi ngaso

“Amakhasimende ami amaningi kuvame ukuba wothisha basezikoleni eziyisisishiyagalombili zangasekhaya nezisebenzi zaseNseleni Community Health Clinic abahlale bengithinta becela ngibathengele okuthile ezitolo zokudla zangasekhaya noma ngibalandele amaphasela ePep nakwezinye izitolo.”

Ubiza kusuka kuR20 kuya kuR50 ukudiliva impahla efunwa yikhasimende. Esanda kuqala ibhizinisi wayethenga impahla yekhasimende ngemali yakhe bese likhokhela konke esefikile, nokho wagcina eyeka ngenxa yamanye amakhasimende angathembekile.

“Loko ngikuyeke ngenxa yokuthi bengiba nenkinga yokuthi sengifikile nempahla yekhasimende lingatholakali ocingweni, kokunye libike izaba lithi alikabi nayo imali, lizobuye likhokhe. Loko kwalilimaza kakhulu ibhizinisi lami.

“Enye inselelo engibhekana nayo wukuthi izinsuku azifani, ngakho kuyenzeka kuphele isonto lonke ngithole ikhasimende elilodwa vo,” kusho uBiyela. 

Ephetha, uBiyela uthe ufuna ukukhulisa ibhizinisi lakhe laziwe ngabantu abaningi ngakubo, andise izithuthuthu zokuthutha izimpahla bese eqasha abantu ebhizinisini ukusiza ukwandisa amathuba omsebenzi endaweni.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/10/16/babona-ithuba-lokudiliva-ukudla-emalokishini-bagxuma-bahlala-baxoxe-nosimangaliso-ntshangase/ 

  • Facebook: Biyela Sduduzo Prince

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page