Kwethulwe abaholi abasha ukubuyisela inqola esipolweni eTransnet
WUSLINDILE KHANYILE
SEZIVALIWE izikhala ezimbili zezikhulu eziphezulu, obesekunezinyanga zivulekile eTransnet.
Obebambe njengesikhulu esiphezulu uNks uMichelle Phillips usebekwe ngokugcwele kulesi sikhundla kanti uzosebenzisana noNks uNosipho Maphumulo, isikhulu esiphezulu sezimali esisha.
UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan wenze lesi simemezelo izolo. Uthe laba baphathi bobabili banamava adingwa yile nkampani.
Wengeze ngokuthi ukubaqoka kutshengisa ukuzimisela kukahulumeni ukuqinisekisa ukuthi le nkampani inabaholi abafanele abazokwenza umsebenzi odingekayo ukuyivuselela.
UNks uPhillips wumakadebona wakwaloliwe njengoba eneminyaka ewu-21 esebenza khona, kanti wafika ewummeli. Usephathe izikhundla ezihlukene ngaphakathi, ikakhulukazi ezimpikweni eziqondene namachweba, iTransnet National Port Authority neTransnet Port Terminals.
Eminyakeni edlule ngesikhathi engomunye wabaphathi echwebeni laseThekwini wayengomunye wabantu ababehola ukwethulwa kobuchwepheshe bokuphungula isiminyaminya iNavis.
U-Gordhan wengeze ngokuthi uNks uPhilllips uyahlonishwa ngosomabhizinisi njengomuntu oxazulula izinkinga futhi onobudlelwano obuhle nabantu. Uyaziwa nangokusebenzisana kahle nabantu abahlukene.
Ngaphambi kokuqokwa abeyisikhulu esiphezulu esibambile, uNks uPhillips ubeyisikhulu esiphezulu seTransnet Pipelines.
“Ngesikhathi efika eyisikhulu esiphezulu eTransnet Pipelines wathola uphiko olwalungaphethwe ngendlela, kuntshontshwa futhi kukuningi okonakele kodwa wakushintsha konke loko. I-Transnet Pipelines yathola umbiko omuhle wezimali ongenagcobho okokuqala ngqa. Wongela inkampani u-R1.5 billion ngezinyanga eziwu-18,” kusho ungqongqoshe.
Besekuyizinyanga kuhambe isikhulu esiphezulu, esezimali kanjalo nesikhulu esiphezulu eTransnet Freight Rail (iTFR) isimo esibhebhezele izinkinga le nkampani yezokuthutha kahululumeni evele inazo.
Eminye yemisebenzi emikhulu ehlalele uNks uPhillips wukuvala isikhala sesikhulu esiphezulu eTFR ngokushesha.
Sekuyiminyaka izitimela namachweba kungasebenzi ngendlela okufanele kusebenze ngayo, nobekukhalisa abamabhizinisi.
Ukubheda kwezinto ezitimeleni kuzwele kakhulu ezimayini njengoba kunciphise nenzuzo yazo kwakapakela emalini engeniswa wuhulumeni njengoba izoba ngaphansi ngo-R56bn ekupheleni kwango-2023/24.
Okunye okusanda kwenziwa nguhulumeni ukulekelela le nkampani wukuyinikeza isibambiso esiwu-R47bn nesizoyisiza iphume iyoboleka imali eyidingayo ukuphucula ingqalasizinda nezinye izinto edinga ukuzilungisa.
“I-Transnet ineqhaza elibalulekile emnothweni weNingizimu Afrika. Siyakholwa ukuthi laba bantu abaqokiwe bazohola iTransnet ngendlela ezokwenza ukuthi zenzeke lezi zinguquko eseziqalile ezifaka i-Freight Logistics Roadmap, okubhekwe ukuthi ivulele abemboni ezimele isikhala ekuphatheni izitimela,” kusho yena.
U-Gordhan uthe uNks uMaphumulo uwumholi wamabhizinisi onamava ekuphatheni imali, ukuletha ushintsho nasekusizeni izinkampani ngamaqhinga okuzikhulisa.