Izonyuka nakanjani imalimboleko – izingqapheli zomnotho
WUBONISWA MOHALE
NAKUBA ongoti bebelindele ukuthi amandla emali anyuke ngoJuni uma eqhathaniswa nangoMeyi kodwa bathi bebengalindele ukuthi afinyelele ku-5%.
Izolo iStatistics South Africa (iStats SA) ikhiphe izibalo zamandla emali zangoJuni. Zikhombise ukuthi amandla emali ngoJuni anyuke afinyelela ku-5%, esuka ku-4,5% ngoMeyi uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka.
I-Stats SA ithe amanani ezinto zokuthutha, izindleko zasemakhaya, ukukhokhela ugesi nezinye izidingo ezilethwa womasipala zinyuke kakhulu. Amanani kaphethroli anyuke nodizili anyuke ngo-34,3% ngenxa yempi eseMiddle East.
Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala anyuka ngo-1,6%, amanani e-cereal ehla ngo-1,5%, kwathi awezithelo ehla ngo-10%. Amanani enyama anyuke ngo-5,1%.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/20/kubhekwe-isinqumo-sebhange-lombuso-ngemalimboleko/
Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithe njengoba amandla emali esefinyelele ku-5%, okuyisibalo esagcina ngoJuni wango-2024, iBhange lomBuso lizoyinyusa imalimboleko.
Uthe ukuhlasela kweMelika e-Iran futhi nako kuzonyusa amanani kaphethroli uma kuqala inyanga ezayo.

UDumisa ulindele ukuthi iBhange lomBuso liyikhuphule imalimboleko
Inhloko ye-Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe ukukhuphuka kwamandla emali kuwumphumela wempi ese-Iran njengoba kunyusa amanani kaphethroli nodizili, okunyusa amanani ezinye izimpahla.
Ithe kubeka iBhange lomBuso esimweni esinzima ngoba amandla emali kulindeleke ukuthi aloku ekhuphuka edlula isikali leli bhange esizibekele sona ngenxa yezimo ezenzeka phesheya.
“Uma imalimboleko inyuka kuleli sonto silindele ukuthi kube okokugcina ngoba iBhange lomBuso libalwa namanye amabhange ombuso emhlabeni asenyuse imalimboleko emva kokuqubuka kwempi yase-Iran. Silindele nokuthi uma le mpi iphela, nemalimboleko yehle,” kusho yena. Izibalo zamandla emali zangoJulayi iStats SA izozishicilela ngomhlaka-19 wango-Agasti.
Khonamanjalo, izibalo zokuthenga izimpahla ezihlukene zinyuke ngo-2,3% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoMeyi, zisuka ku-1,2% ngo-Ephreli. Lezi zibalo nazo zishicilelwe izolo yiStats SA.
Usomnotho omkhulu waseFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi uthe abathengi bebeqhubeka nokuthenga yize amanani kaphethroli nodizili ebephezulu. Uthe ucwaningo lwabo luveza ukuthi abantu behlise izindleko zikaphethroli ngokungahambi kakhulu.
Njengoba imali yabantu incishiswa yizindleko zempilo, uMkhwanazi uthe balindele ukuthi abantu bacophelele indlela abasebenzisa imali ngayo.


